Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!Isampula

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

USUKU 2 KWEZINGU- 6

“Sonke Sidinga Umsindisi”


Ngenkathi uNkulunkulu edala uAdam noEva, wabenza ngaphandle kwesono benobudlelwane obuphelele naYe. Ngenkathi bephula umyalelo naNkulunkulu encwadini yesithathu kaGenesisi, baletha isono ezimpilweni zabo, nakubantu bonke. KwabaseRoma 3:23 sichazelwa ukujula komphumela wesinqumo sikaAdam noEva.


“... ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu.” KwabaseRoma 3:23


Akekho ongenasono nemiphumela yaso; wonke umuntu wonile. Ngakho ke, sonke sahlukanisiwe noNkulunkulu. Isono sethu kanjalo sinemiphumela yaphakade.


“Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa.” KwabaseRoma 6:23a


Ngenxa yosinqumo sikaAdam noEva ukungamlaleli uNkulunkulu, ukufa abakwazanga ukukubalekela, bona nesizukulwane sabo (abantu bonke); emzimbeni nasemoyeni. Emva kokuwa, uNkulunkulu wayemelwe isinqumo: ukuvumela isono senze ngokuthanda ebantwini bonke, abantu bafe baphele, noma ukwenza indlela yokusindisa abantu bonke emandleni esitha. Okubongekayo, njengokothando nomusa Wakhe, uNkulunkulu wenza indlela yensindiso neNdodana Yakhe.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.” NgokukaJohane 3:16


“...isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.” KwabaseRoma 6:23b


Ngaphandle kukaJesu Kristu, abantu bonke bamelwe ukufa emzimbeni nasemoyeni; akukhethwe bala lamntu. Kodwa labo abakuKristu, ukufa emzimbeni kusimele, kodwa ukufa emoyeni (Isihogo) akusimele. Empeleni, impilo yaphakade eZulwini isilindele mhla sihamba kulomhlaba. Ngenxa yomnikelo kaJesu Kristu nokuvuka kwakhe ekufeni, siyagqashula esijezisweni sesono!

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!

Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.

More

Singathanda ukubonga u Twenty20 Faith, Inc. ngokunikeza ngale plan. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: https://twenty20faith.org/yvdevtmp