Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 10 KWEZINGU- 14

UMoya Ongcwele

UJesu watshela abafundi bakhe ukuthi kumele ahambe ukuze azokuthumela UMoya Ongcwele kubo. Uma uJesu wayehlalile lapha emhlabeni, wayezokwazi kuphela ukukhonza abantu abambalwa ngasikhathi thize. UMoya Ongcwele ukwazi ukuba sezindaweni zonke ngasikhathi sinye.

NgokukaJohane 7:38-39

“Okholwa yimi, njengokusho kombhalo, esiswini sakhe kuyakugobhoza imifula yamanzi aphilayo.”39Washo lokho ngoMoya abazakumamukela abakholwa nguye, ngokuba uMoya wayengakafiki, lokhu uJesu wayengakakhazimuliswa.”

Izenzo 1:8

“Kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

UMoya Ongcwele akasiwo amahemuhemu noma ingxenye yamaphupho asengqondweni, kodwa Yena unguMuntu okwisakhiwo sobuThathu beZulu. Siyamdinga UMoya Ongcwele nsukuzonke empilweni ukuze sikwazi ukuqonda lokho okuyintando kaNkulunkulu kanye nokuhamba esambulweni njengoba babenza abafundi beNkosi uJesu uKristu.

NgokukaJohane 14:16-17

“Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade,17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini.”

Encwadini kaIsaya 11:1-2 UMoya Ongcwele uchazwa njengemiMoya eyikhombisa kaNkulunkulu. UnguMoya:

1) Wokuhlakanipha

2) Wamandla

3) Wokuqonda

4) Wolwazi

5) Wokululeka

6) Wokumesaba uNkulunkulu

7) KaNkulunkulu

Amanye amagama anikeziwe UMoya Ongcwele Embhalweni Ongcwele athi:

UnguMoya weqinisoNgokukaJohane 16:13

Umaluleki, Umsizi, NguMduduzi NgokukaJohane 16:5-7

UnguMoya woMusa KumaHeberu 10:29

UnguMoya weNkazimulo1 KaPetru 4:14

UnguMoya wokuKholwa2 kwabaseKorinte 4:13

UnguMoya kaKristui KwabaseRoma 8:9

UMoya Ongcwele uyasisiza

NgokukaMathewu 10:19-20

“Kepha kuyakuthi, nxa benikhaphela, ningakhathazeki ngokuthi niyakukhuluma kanjani nokuthi niyakuthini, ngokuba niyakuphiwa ngaso leso sikhathi eniyakukukhuluma.20Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.”

UMoya Ongcwele ungosifundisayo

NgokukaJohane 14:26

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Umthandazo kanye noMoya Ongcwele

KwabaseRoma 8:26

“Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.”

Ubufakazi

Ngathi ngiyokhonza elinye ibandla, ngangithandazela omunye wabesifazane ngesikhathi UMoya Ongcwele engibonisa ihamba phakathi kwengadi yezimbali zamarozi. Waqhubekela phakathi nendawo nesikhotha sezimbali ezibomvu ensimini wabe esethatha enye yezimbali zerozi ngabe sengimuzwa ethi ikhethekile futhi yinhle kuye. Ngezwa UMoya Ongcwele ethi UNkulunkulu uzizwa ngendlela efanayo ngalona wesifazane. Kuthe uma ezwa lamazwi waqala wakhala ngokuphuthuma waphuma kwibhilidi esasikulo. Ngake ngacabanga ukuthi angizange ngize ngimuzwe kahle uNkulunkulu kulokho abekushilo kwaze kwaba ngakusasa lapho ngathola ucingo olwaluvela kuye. Wangitshela ukuthi uziphilisa ngokuba ngumlimi wensimu yezimbali zohlobo lwerozi kanti ngesonto elidlulile ubeke washayela egudla izikhawu ezibalwa ngakolunye uhlangothi lwensimu yezimbali abezitshalile ukubona ukuthi ingabe sekukhona yini osekuqhumile. Wangitshela ukuthi udlula kwisikhathi esinzima empilweni yakhe manje uke waze wacela UNkulunkulu ukuthi akamtshele ukuthi ingabe Yena uzizwa kanjani ngaye. Nakhuke ngeSonto esezwa lamazwi ekhulunywa ngumuntu angamazi nokumazi. Lokhu kwayishintsha kakhulu impilo yakhe kanti futhi konke kwenzeka ngenxa yeziphiwo zikaMoya Ongcwele.

Khumbula ukuthi UMoya Ongcwele ungumuntu kanti futhi unokuchophelela kwakwenzayo. Uza kuphela uma simumema noma sikuqhaphela ubukhona Bakhe. Singakwazi futhi ukuthi simudabukise noma simucime UMoya Omgcwele lapho simuziba, singamhloniphi noma siqhubeka esonweni.

Usuku 9Usuku 11

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/