Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 12 KWEZINGU- 14

Izipho zikaMoya Ongcwele

Lapho nje usugcwalisiwe nguMoya Ongcwele, uzokwamukela Amandla okukwazi ukuthandaza ukhuleka ngolunye ulimi. Umbhalo Ongcwele okubeka lokhu “Njengokukhuluma ngezilimi”, “Ukuthandaza ngezilimi”, “uba nobudlelwano noMoya Ongcwele” noma “uba nenkonzo yesidlo noMoya Ongcwele”

EkaJuda 1:20

“Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,”

Lokhu kuchaza lapho umoya wekholwa ukwazi ukukhuluma noNkulunkulu ngaphandle kokuba ikholwa liqonde ukuthi lithandaza lithini. Injongo yalokhu ukuzakha wena futhi uqinisa nomoya wakho enkosini

1 KwabaseKorinte 14:2, 4, 14

2Ngokuba okhuluma ngezilimi kakhulumi kubantu, kepha ukhuluma kuNkulunkulu; ngokuba kakho ozwayo, ukhulumaizimfihlakalongomoya.

4Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.

14Ngokuba uma ngikhuleka ngezilimi, kukhuleka umoya wami, kepha ingqondo yami ayinasithelo.

Izipho zikaMoya Ongcwele

Umbhalo Ongcwele uphinde uthi uma sesigcwaliswe ngoMoya Ongcwele sesingaqala sidlulele kwizipho zikaMoya Ongcwele eziyisishiyagalolunye. Lezi izipho zikamoya uNkulunkulu asihlobisa ngazo. Igama elithi “isipho” lisuselwa kwigama lesiGriki elithi charis nelichaza “umusa”.

1 KwabaseKorinte 12:7-11

“Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza. Ngokuba omunye uphiwa ngoMoya izwi lokuhlakanipha, kepha omunye izwi lokwazi ngaye lowo Moya, omunye ukukholwa kuye lowo Moya, omunye iziphiwo zokuphulukisa kuye uMoya munye, omunye ukwenza imisebenzi yamandla, omunye ukuprofetha, omunye ukwahlukanisa omoya, omunye ukukhuluma izilimi ngezilimi, omunye ukuhumusha izilimi. Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.”

Injongo yalezizipho

1 KwabaseKorinte 14:3-4

Kepha oprofethayo ukhuluma kubantu kube ngukwakha, nokududuza, nokuqunga isibindi. Okhuluma ngezilimi uyazakha yena, kepha oprofethayo wakha ibandla.

Siyabona ukuthi lezizipho akusizona ezokusiza thina noma zokuqinisa thina, kodwa ngezokuba kusizakale abanye abantu ukuze kwakheke kuphinde kukhuthazwe umzimba kaKristu.

Imibuzo yokubuyekeza (bhala impendulo yakho kwijenali):

Kungabe yini okumele ikhuthaze ukusetsenziswa kwalezizipho?

1 KwabaseKorinte 13: 1-2

Izibonelo zalapho abantu bamukela khona uMoya Ongcwele:

Izenzo 2:1-6; Izenzo 8:14-19; Izenzo 9:17-19; Izenzo 10:44-46; Izenzo 19:1-6

Abantu bamamukela ngezindlela ezahlukene uMoya Ongcwele:

· Ngokubekwa izandla

· Ngokudluliselwa

· Kuzenzakalela

Kukhona umehluko phakathi kokukwazi ukuthandaza ngezilimi kanye nokukhuluma ngezilimi. Ukuthandaza ngezilimi kwakha wena kanti ukukhuluma ngezilimi kwakha ibandla. Akusibo bonke abazalwane abakholwayo abangavele noma basetshenziswe ekukhulumeni olunye ulimi, kodwa wonke umzalwane okhulwayo nongcwalisiwe ngomoya angakwazi ukuthandaza ngezilimi. Funda 1 kwabaseKorinte 14.

Ubufakazi:

Ngelinye ilanga sisemhlanganweni wokuthandaza wabafundi esikoleni, uMoya Ongcwele wehlela kithi sonke. Saqala sonke ngamandla sibona kuzenzekela sathandaza ngezilimi. Ukuphendula kwami kokuqala ngacabanga ukuthi ngiyahhema noma ngiyazenzisa ukuthandaza ngezilimi ngoba ngangingakuqondi engangikusho. Kwaba ngokuhamba kwesikhathi lapho ngaqonda ukuthti ngangikhulula “ngokuyimfihlo kuNkulunkulu futhi ngakha ngiqinisa umoya wami ngalolulimi lokuthandaza.

Usuku 11Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/