Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 11 KWEZINGU- 14

Ukugcwaliswa ngoMoya Ongcwele

Umbhalo Ongcwele ukubeka ngokucacile ukuthi ukuba nobudlelwano noJesu akusho ukuthi usunobudlelwano kanye noMoya Ongcwele

Abazalwane abakholwayo banokuzizwela UMoya Ongcwele ngezindlela ezimbili ezikhethekile:

Eyokuqala– lapho siqala besindiswa – ubukhona kukaMoya Ongcwele

Okwesibili– lapho sigcwaliswa ngoMoya Ongcwele – ugcobo lukaMoya Ongcwele.

Izenzo 19:1-6

Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?” Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.” Wathi: “Pho, nabhapathizelwa kukuphi na?” Base bethi: “Kukho ukubhapathiza kukaJohane.” UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.” Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha.

Lapha Umbhalo Ongcwele usibonisa iqenjana labafundi (amakholwa) ayekholwa nguJesu kodwa ayengakagcwwaliswa nguMoya Ongcwele. uPawulu wabakhulekela ukuba bagcwaliswe ngoMoya Ongcwele. Sonke siyakudinga ukugcwaliswa nguMoya Ongcwele.

Umbhalo Ongcwele uchaza lokhu njengokuthi: siyabhabhathizwa (Izenzo 1:5), UMoya Ongcwele ehlela phezu komuntu (Izenzo 1:8), ukwamukela UMoya Ongcwele (Izenzo 8:17), Ukuthululwa kukaMoya Ongcwele (Izenzo 10:45) noma ukugcwaliswa ngoMoya Ongcwele (Izenzo 2:3-4).

Imibuzo yokubuyekeza (Bhala izimpendulo zakho kwijenali):

Ingabe sibhabhadiswa kanjani?

NgokukaLuka 11:9-13

Ngithi kini:Celani, niyakuphiwa;funani, niyakufumana;ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa. “Ngumuphi kini onguyise, oyakuthi nxa indodana icela inhlanzi, ayinike inyoka esikhundleni senhlanzi; uma icela iqanda, ayinike ufezela, na? Ngakho-ke uma nina eningababi nikwazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu kangakanani uYihlo osezulwini uzakubapha abacela kuye uMoya oNgcwele.”

Kwesinye isikhathi abantu babemukela uMoya Ongcwele uma amanye amakholwa ebabeka izandla (Izenzo 19:1-6), kanti abanye babewamukela ngokuzehlela Kwakhe uMoya Ongcwele kubo (IzEnzo 2)

Kulula nje esidinga ukuba sikwenze lokho ukuvele simucele uNkulunkulu isipho sikaMoya Ongcwele. Bheka lapho sikhuluma khona ngomthandazo kwi- Addendum B umakungukuthi udinga ukuholwa. Ngingakweluleka ukuthi uwuthandaze lomthandazo kanye nomunye umzalwane okholwayo osevele yena esegcwalisiwe nguMoya Ongcwele.

Ingabe sigcwaliswa kanye kuphela ngoMoya Ongcwele?

Umbhalo Ongcwele uthi sibhabhadiswa kube kanye, kodwa simele ukuqhubeka njalonjalo sigcwaliswe. Lokhuke kusho ukuthu simelwe ukuzingcwelisa thina nsukuzonke bese sithobela ukusebenza kukaMoya Ongcwele ezimpilweni zethu.

Kwabase-Efesu 5:18-20

“Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulanengamahubonangezihlabelelonangamaculo okomoya,nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu,”

Ucabanga ukuthi ingabe uNkulunkulu wasinikezelani uMoya Ongcwele?

Ubufakazi

Ngelinye ilanga sisenkonzweni yomkhuleko, sasikhuleka ngezilimi ngesikhathi omunye wabazalwane ongowesilisa esimisa wathi kukhona owesifazane ophakathi kwethu othandaza ngolimi lwesiZulu, okungolunye lwezilimi zase-Afrika. Wayeqonda igama ngalinye ngalinye aleliphimiswa ngulowesifazane yize lo wesifazane yena ayengaziqondi ukuthi uthini. Lapha sabona kuvela isipho sokukhuluma ngezilimi njengokuba sizwa kwincwadi yeZenzo. Lowesilisa wasichazela ukuthi owesifazane wayekade edumisa uNkulunkulu futhi echaza nobuhle bukaNkulunkulu.

Usuku 10Usuku 12

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/