Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 1 KWEZINGU- 14

ISIDINGO SENSINDISO

KwabaseRoma 6:23

“Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.”

Ukona kuchaza “ukugeja noma ukushweba ukufinyelela kwinjongo”. Abantu abaningi bakholelwa ukuthi udinga ukuba ngumuntu olungile ukuya ezulwini. Lokhu akunjali. Sizalelwe emhabeni ovele usuwile futhi esonweni.

Sonke siyazi ukuthi kasidingi ukufundisa ingane ukuba ibe ngugombela kwesakhe Kanye nokona ngoba ikwenza lokhu iveza ngokwemvelo yesono esikuyo. Siyona ngoba sizelwe siyizoni ngakhoke, sidinga ukuba kuguqulwe imvelo yethi kungesikho nje kuphela ukushintsha kwendlela yokuziphatha. Ukuze uguqule izithelo zesihlahla sama-apula ukuba singabe sisathela ama-apula kodwa amaganandoda (amapheya), angeke uvele unqunte wonke ama-apula esihlahleni. Kungadingeka ukuba usigumbe usisuse sonke isihlahla.

Isono siletha lemiphumela elandelayo:

1.UbugqilaKwabaseRoma 6:17

2.Icala nokulahlwaJakobe 5:12

3.Ubumpumputhe kwezikaMoya2 KwabaseKorinte 4:4

4.Ukungabi nethemba nenjongoKwabaseEfesu 2:12

5.Ukufa kokukaMoya KwabaseRoma 6:23

6.Ukwahlukana phakathi komuntu noNkulunkulu KwabaseRoma 3:23

Isono sisahlukanisa noNkulunkulu kanti umuphumela walokho uthi sidinga ukuba sibuyisane Naye. Akukho thina singabantu esingakwenza ukuba sibuyisane noNkulunkulu.

Isaya 59:1-2

“Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi,nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa. Kepha ububi benu bunahlukanisile noNkulunkulu,nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini ukuba angezwa.”

Isono sangena ezweni ngo-Adamu noEva. Umyalelo kaNkulunkulu babewunikeziwe ngokucacile (Genesise 2:16-17) kodwa bakhetha ukumelana nawo. Funda uGenesise 3:1-3 ukubona ukuthi benzenjani.

Imiphumela yesono ukufa kanye nokwahlukana, kodwake, iyiphi impendulo kaNkulunkulu ezonweni zethu?

uJohane 3:16

Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana Yakhe ezelwe iyodwa ukuba ilowo nalowo okholwa Yiyo angabhubhi kepha abe nokuphila okuphakade. UNkulunkulu unguNkulunkulu wothando kanti uthando Lwakhe kithi kalunamibandela. Akukho manangananga anamathele awafunayo. Uthando Lwakhe lufakazelwe iqiniso lokuthi uthumelile Indodana yakhe ezelwe iyodwa ukuba izofela thina. Wathatha isinqumo sokuba asithande ngisho nangesikhathi thina sasingamfuni Yena.

Umbhalo Ongcwele uchaza insindiso njengento eqhubekayo neqala ngokuba thina samukele “imvelo entsha’ noma “sizalwe kabusha”

Imibuzo yokubuyekeza (bhala izimpendulo zakho kwijenali):

Ingabe uJesu wenzani esiphambanweni?

bheka ku 1 Petru 2:24

kanye nakwabaseGalathiya 3:13-14

Ubufakazi:

Ngikhulele ekhaya lamaKrisru futhi bengiya enkonzweni njalo ngeSonto. Yize bengingumuntu olungile, bengingamazi uNkulunkulu. Ukuya enkozweni noma ukuba ngumuntu olungileyo akukunikezi igunya lokuba nobudlelwano kanye noNkulunkulu. Sidinga imvelo Enstha

2 KwabaseKorinte 5:17-19

“Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.18Kepha konke kuvela kuNkulunkulu owenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana,19ngokuba uNkulunkulu ekuKristu wenza ukuba izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo, ebeka kithi izwi lokubuyisana.” Insindiso siyibheka njengokuqhubekayo.

KwabaseFiliphi 2:12

“Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela,” Umbhalo Ongcwele ubeka insindiso njengento eqhubekayo, iqala ngathi samukela “imvelo entsha’ noma

“sizalwe kabusha”.

Ucabanga ukuthi ungayizuza insindiso ngokwenza imisebenzi emihle?

Ucabanga ukuthi ungasindiswa kuphela uma ususilungisile isono sakho?

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/