Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 3 KWEZINGU- 14

UKUVUMA KANYE NOKUPHENDUKA

1 kaJohane1:7-9

“Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. 8Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.9Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.”

Izolo sibonile ukuthi ukuze ukwazi ukusindiswa, kumele sikuvume ukuthi uJesu Kristu uyiNkosi ezimpilweni zethu. Ukubuswa goBukhosi kuchaza ukuthi uJesu ube eseba ngumnikazi nomlawuli wezimpilo zethu. Lokhu kubala ukuba sinikele Kuye intando, imizwa, ukulawula, ezezimali, ubudlelwano esinabo nazo zonke izinhlaka zokuphila kwethu.

Igama lesiGriki elisho ukuphenduka ngelithi metanoeia. Lona lichaza ngokucacile “ukuguqula ingqondo noma indlela oziphatha ngayo entweni ethile.” Libala ukuphenduka ngokungamagxathu angu 180 okuzungeza ubheke kuJesu! Kumele ukuba sishintshe indlela esicabanga ngayo kanye nezenzo zethu. Ukuzisola ilapho sizwa imizwa yokudangala noma ukuzidabukela ngenxa yalokho sikwenzile okubi kodwa, ukuphenduka yikho okusikhululayo. Sidinga Ukudabuka esikuzwa ngeqiniso lobuNkulunkulu.

2 kwabaseKorinte7:10-11

“Ngokuba bhekani, khona lokho kudabukiswa kwenu ngokukaNkulunkulu kwaveza kini ukukhuthala okungaka, yebo, nokuziphendulela, nokuthukuthela, nokwesaba, nokulangazela, nokushiseka, nokuphindisela. Kukho konke nazibonakalisa ukuthi nimhlophe kule ndaba.”

Ukudabuka bobuNkulunkulu kuchaza ukuthi siyaqala sisizonde isono ngoba siyasibhubhisa, sibhubhisa nobudlelwane bethu noNkulunkulu kanye nalabo esibathandayo.

KwabaseRoma 2:4

“Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene, neyokubekezela, neyenyewe yakhe, ungazi ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni na?”

Ubufakazi:

Ngisengumntwana ngangiye ngicabange ukuthi uNkulunkulu ikhehla elidala elimi nenduku. Ngangiye ngicabange ukuthi inhloso yakhe enkulu ukuba angijezise ngenxa yalokho okubi engikwenzile. Impela

ngangikholwa ukuthi uNkulunkulu ukhonela ukuzongonela injabulo yami. Kwaba emva kokuba sengimamukele uJesu Kristu njengeNkosi kanye noMsindisi wami lapho indlela engambheka ngayo yashintsha. Angibange ngisakholwa ukuthi uNkulunkulu “ujonge isono kuphela kimi” kodwa kunalokho ngambona “enguNkulunkulu ujonge mina.”

Ukuthethelelwa kwezono zethu kuyisipho samahhala; asisoze sasifanela lesisipho. Ezikhathini eziningi sizizwela silahliwe icala bese sibalekela kude noNkulunkulu. Nokho, obekumele sikwenze, ukubalekela Kuye – Uyashesha ukuxolela uma siphenduka.

Funda ukuba uDavide wathini ngemuva kokuba ebonile noBati Sheba:

AmaHubo 51:4

Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho,ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.

NgokukaMathewu 16:24

“Khona uJesu wathi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.”

Umyalezo kaJesu

NgokukaLuka 13:2-5

Imibuzo yokubuyekeza (Bhala izimpendulo zakho kwijenali):

Ngubani okumele ukuba aphenduke? bheka Izenzo 17:30

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini ukuzidela?

Ibuphi ubufakazi bokuphenduka ngeqiniso? bheka Izenzo 26:20

Kungabe iziphi izingxenye ezisemqoka ezintathu ezisempilweni yakho okusamele ukuba uzidele uzinikele kubukhosi bokubuswa nguJesu?

Cela uJesu ukuba Yena azembule kuwe njengeNkosi yempilo yakho. Khumbula ukuthi konke kuphathelene nobudlelwano noNkulunkulu. Iba neqiniso ngesikhathi uthandaza bese uthatha isikhathi sokuba Naye.

Isenzo:

Manje yiba nesibindi kulelisonto wazise abanye abangani bakho mayelana nengxenye yempilo yakho lapho ukukhanya kukaNkulunkulu kusadingeka ukuba kukhanye kuyo nalapho okumele ukuba udele ubuwena kukho.

Uma ubungakayinikeli wayibophezela impilo yakho kuNkulunkulu, cela umngani okholwayo ukuba athandaze kanye nawe.

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/