Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 6 KWEZINGU- 14

UKULUNGISISWA KANYE NOKULUNGA

KwabaseRoma 5:17-19

“Ngokuba uma ngesiphambeko samuntu munye ukufa kwabusa ngalowo emunye, ikakhulu abamukela ukuvama komusa nokuvama kwesipho sokulunga bayakubusa ekuphileni ngalowo emunye, uJesu Kristu. Ngalokho-ke njengokuba ngasiphambeko sinye kwaba khona ukulahlwa kubantu bonke, kanjalo ngasenzo sinye sokulunga kwaba khona ukulungisiswa kukho ukuphila kubantu bonke;ngokuba njengalokho ngokungalaleli kwamuntu munye abaningi benziwa izoni, kanjalo ngokulalela kwamuntu munye abaningi bayakwenziwa abalungileyo.”

2 KwabaseKorinte 5:21

“Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.

Incazelo yokuLunga

Singasamukela isipho sokuba ngabalungileyo ngalokho uJesu Krsitu asekwenzile! Ngamagama alula, ukulunga kusho ukuthi simi endaweni efanele kubudlelwano noma kwiskhundla noNkulunkulu uMninimandla Onke. Lokhu kuncike ekupheleleni komsebenzi owenziwa esiPhambanweni.

Ingabe UNkulunkulu wenzani ngezono zethu uma Yena Esixolela?

AmaHubo 103:12

“Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga, udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.”

Incazelo yokuLungisiswa

Ukulungisiswa igama elisemthethweni elichaza ukuthi loyo obenecala ufumaniswe emsulwa. Lapho sesingabalungisiweyo, uNkulunkulu usibuka asibone kube ngathi asikaze sisenze isono.

Ingabe Singena kanjani ebukhoneni bukaNkulunkulu?

KumaHeberu 10:19

Ngakho-ke, bazalwane, njengokuba sinesibindi sokungena endaweni engcwele ngegazi likaJesu

NgokukaMathewu 19:14

UJesu wayesethi: “Vumelani abantwana, ningabenqabeli ukuza kimi, ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo.”

Ingabe sima kanjani ekulungeni?

KwabaseRoma 1:17

Ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ekukholweni, kuyisa ekukholweni, njengokulotshiweyo ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”

Simelwe ukuba sikholwe futhi sikwamukele kube ngokwethu lokho uNkulunkulu asesenzele khona ngo Kristu uJesu.

Ucabanga ukuthi yiziphi izinto ezimbili ezinqala ezikuvimba ukuba uze kuNkulunkulu njengengane encane?

Ukulahlwa, unembeza onecala kanye nehlazo

KwabaseRoma 8:1

Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu (Labo abangasahambi ngokwenyama, kodwa ngokukaMoya)

Uma sike saqala sakuqonda lokho uJesu asevele asenzele khona asibe sisadinga ukuzizwela silahliwe, sinecala, noma sizizwele ihlazo futhi.

KwabaseRoma 5:1

“Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu.”

Ingabe iyiphi into eyenzeka kwimuva lakho ozizwela ulahliwe kakhulu kuyo icala? Usathane ubizwa “ngoyise wamanga” futhi “ungummangaleli wabazalwane.” Uyathanda ukusisola asibeke icala futhi asikhumbuze izono zethu esesadlula kuzo zasemuva. Ufuna ukuba sizizwele sinecala, sinehlazo namahloni ukuze singeke iphinde sizizwele sifanelekile ukuba sisetshenziswe nguNkulunkulu. Nokhoke, sinethuba lokuba singasondela kuNkulunkulu ngenxa yawo umsebenzi owenziwa esiPhambanweni. uJesu wasivulela indlela yokuba sisondele kuNkulunkulu ngesibindi (KumaHeberu 4:15-16)

Imibuzo yokubuyekeza (Bhala izimpendulo zakho kwiJenali)

Uma umuntu ozelwe kabusha enza into engalungile, ingabe ucabanga ukuthi yena uyaphenduka emehlweni

kaNkulunkulu ange ngongenakho ukulunga? Kungani?

Isenzo:

Uma uNkulunkulu ekubheka wena, ingabe ucabanga ukuthi Yena ubonani? Dingiga lokhu nomaluleki wakho.

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/