Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 5 KWEZINGU- 14

UKUXOLELA

Kwabase-Efesu 4:32

“Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.”

Ukuxolela yikho okuba maphakathi nendawo ekuzeni kwethu kuNkulunkulu nasekutheni siphendula kanjani kwabanye abantu. uMkhuleko kaJesu esiphambanweni wawuthi Babawethu sixolele ngokuba “asikwazi esikwenzayo,” kusezinyaweni zesiphambano kuphela lapho sithola khona ukuxolela nokuthethelela kweqiniso futhi sithola umusa namandla okuxolela abanye abantu.

Bhala izinto ezintathu ofuna ukuba uNkulunkulu akuxolele wena kuzona.

Ingabe siyadinga na ukuxolela abanye abantu?

Kumele sikuqonde ukuthi kasibaxoleli abanye abantu ngoba imizwa yethu isivumela. Abanye abantu kungenzeka ukuthi basilimaza emoyeni ngakhoke sibabone njengokuthi bayasikweleta. Qonda ukuthi ukuxolela kuyisinqumo ozikhethela sona, ayi umuzwa. uJesu uthi samukeliswe mahala ngakho nathi kumele siphe mahala.

Khumbula ukuthi uNkulunkulu nathi usixolela ngalendlela lena nathi esixolela ngayo abanye abantu. Izwi lakhe liyasiyala ukuba sixolele. Lokhu akuchazi ukuthi uyayitusa noma uyavumelana nesenzo esenziwe kuwe, kodwa uma uxolela uthi awumbambi lona omunye umuntu ngegqubu lalokho akwenzile kuwe; njengoba naye uJesu esibambeli amagqubu ngamacala esiwenzile Kuye.

1 EkaJohane 1:7-9

Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi.Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono.

Siyadinga futhi ukuba sizixolele thina ngalokho thina esikwenzile okubi. Bhala uhla lwezinye zezinto odinga ukuba uzixolele wena kuzo:

Kwizikhathi eziningi siyaye sibeke uNkulunkulu icala simusole ngoba sisuke sicabanga ukuthi “Nguye ovumile ukuba izinto zisehlele” noma sithi “ubengekho lapho besimudinga khona kakhulu”. Siyaye sizibuze o- “kungani” abaningi.

Kubakulekile kakhulu ukuba siqonde ukuthi uNkulunkulu usohlangothini lwethu nokuthi akakaze ahlose ukuba thina sizizwe ubuhlungu kodwake, nokho siphila ezweni elaphukile neliwile esonweni kanti izinqumo zabanye abantu zingba nomuthelela ongemuhle ezimpilweni zethu.

Kungabe kukhona ocabanga nokuzwayo ukuthi kumele ukhulule uNkulunkulu kukho obumsola ngakho kungafanele?

Thatha umzuzwana nje bese uyathandaza ngalokhu.

Kungani ukuxolelwa kwezono kubalulekile?

KumaHheberu 9:22

Methembe uNkulunkulu ukuba aqalise indlela yokukhulula abantu empilweni yakho. Khumbula ukuthi uJesu kwakungesikho ngoba imizwa yakhe yayikahle ngesikhathi Yena exolela thina futhi wayesalenga esiphambanweni.

Ngesinye isikhathi sizohlangana nabantu abasiziswa ubuhlungu siqhubeke sizizwe sisonokuba thukuthelela noma ubuhlungu buphinde busho ukuthi busakhona enhlizweni. Kubalulekile ukuthi nathi siqhubeke njalo sizikhumbuza ukuthi sathatha isinqumo sokubaxolela labo bantu. Ukuxolela kungakususa ubuhlungu nokulimala esakuzwa, kodwa angeke ngokusempeleni kususe amabala asala noma izinkumbulo zezigameko ezenzeka.

Imibuzo yokubuyekeza (bhala izimpendulo zakho kwiJenali):

Bhala uhla lwezinto ezintathu ezikuzwise ubuhlungu odinga ukuba uthethelele kuzo:

Isenzo:

Letha umuntu ngamunye (kanye nezigameko) esiPhambanweni bese ukhuluma amazwi okuxolela phezu kwabo.

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/