Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 14 KWEZINGU- 14

Ukuzwa iphimbo likaNkulunkulu

1 KwabaseThesalonika 5:23

“Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.”

Kukhona izingxenye ezintathu esakheke ngazo thina singabantu: Umzimba, Umphefumulo womoya kanye nomoya. Khumbula ukuthi umoya wakho wona sewenziwe waba ngomusha kodwa umphefumulo womoya wakho kanye nomzimba wakho wona akukwenziwa kwaba ngokusho. uNkulunkulu ungumoya ngakho nathi kumele sikwazi ukuthi sikhulise imilo yethu yakamoya.

Ukuzithola ukuthi wena ungubani:

Umuntu wokwemvelo akakwazi ukubamba izinto zikamoya

1 KwabaseKorinte 2:14

Umuntu wemvelo kakwamukeli okukaMoya kaNkulunkulu, ngokuba kungubuwula kuye; angekuqonde, ngokuba kubonisiswa ngokomoya.

KumaHeberu 5:14

Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

Iziphi ezinye izindlela UNkulunkulu akhuluma ngazo?

a) Ngezwi Lakhe

2 KuThimothewu 3:16

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni,

b) Ngephimbo lakhe elincane likaMoya Ongcwele

1KumaKhosi 19:12

“Emva kokuzamazama komhlaba ngumlilo; kepha uJehova wayengekho emlilweni; emva komlilo yizwi elincaneelihashazayo.

IzEnzo 11:12

UMoyawayesethikimi angihambe nabo ngingangabazi ngalutho. Bangiphelekezela labo bazalwane abayisithupha, saya sangena endlini yaleyo ndoda.

c) Ngemibono

IzEnzo 10:9-11, 17

9Ngangomuso besahamba labo, sebesondela emzini, uPetru wenyukela phezu kwendlu ukuyokhuleka ngehora lesithupha. 10Khona walamba kakhulu, wafuna ukudla; kepha besamlungisela wehlelwa yisiyezi, 11wabona izulu livulekile nesitsha esithile sehla sinjengendwangu enkulu, sehliselwa emhlabeni ngamachopho amane.

17UPetru esasambathekile ngokuthi ngakube uyini lowo mbono awubonileyo, bheka, amadoda ayethunyiwe nguKorneliyu, esebuzile indlu kaSimoni, ema ngasesangweni,

d) Ngokululekwa ngabanye abazalwane abakholwayo

Izaga 12:15

“Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kephaohlakaniphileyoulalela iziluleko.”

e) Ngamaphupho

NgokukaMathewu 1:20-21

Esazindla ngalokho, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungoMoya oNgcwele.Uzakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngokuba nguye oyakusindisa abantu bakhe ezonweni zabo.”

f) Ngezipho zikaMoya Ongcwele

1 KwabaseKorinte 12:4-7, 11

Kepha kukhona iziphiwo zomusa ezahlukeneyo, kepha nguye lowo Moya. 5Kukhona izinkonzo ezahlukeneyo, kepha yiyo leyo Nkosi. 6Kukhona imisebenzi yamandla eyahlukeneyo, kepha nguye lowo Nkulunkulu osebenza konke kubo bonke. 7Kepha yilowo nalowo uphiwa okubonakalisa uMoya kube ngokokusiza.

11Kepha konke lokho kusetshenzwa nguyena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokwakhe njengokuthanda kwakhe.

g) Ngezimo obhekana nazo

UPawulu ephahlazeka nomkhumbi kwizEnzo 27

h) Ngephimbo lezwi elizwakalayo likaNkulunkulu

USawulu esendleleni ebheke eDamaseku KwizEnzo 9:4

Usuke wamuzwa uNkulunkulu ekhulumisana nawe ngenye yalezizindlela ezingenhla.

1) Chaza into noma izinto ezibalulekile ozifundile kulelisonto?

2) Ake uchaze ukuthi ikuphi okufundile ngoMoya Ongcwele

3) Bhala uhla lwemibuzo okungenzeka ukuthi usenayo ngalokho esikwethule sakufunda kwiviki eledlule.

Manjeke, thatha lezizimpendule kumzalwane onguKristu osekhulile eNkosini bese udingida naye izimpendule. Mcele ukuba akukhulekise ukuthi lezizinto zizokwazi ukwambuleka nakuwe nokuthi uzokwazi ukuba nesiqiniseko sensindiso.

Usuku 13

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/