Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 9 KWEZINGU- 14

Umthandazo

EkaJakobe 5:16

Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.

Isibindi sokusondela kuNkulunkulu ngomthandazo

KumaHeberu 4:15-16

“Ngokuba asinaye umPristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kepha olingiwe kukho konke njengathi, engenasono.Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.”

Ukuxhumana kubalulekile kakhulu kubudlelwano obuphilile noNkulunkulu kanye nabanye abantu. Asikawazi ukuthi sithi sinobudlelwano nomuntu othize uma sagcina ukukhulumisana eminyakeni eyishumi nanhlanu edlule. Umthandazo uyigxoxo ephakathi komuntu noNkulunkulu.

Sazi kanjani ukuthi uNkulunkulu uyasilalela uma sithandaza?

uJeremiya 29:12-13

Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa.Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.

1 ekaJohane 5:14-15

“Yilesi sibindi esinaso Kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.15Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele Kuye.”

Ngokuka 1 KuJohane 5:14-15, Uyasizwa uma sicela ngokwentando Yakhe.

Ngimelwe ukuba ngithandaze kanjani?

1 Timothy KuThimothewu 2:5

Ngokuba munye uNkulunkulu, munye nomlamuleli phakathi kukaNkulunkulu nabantu, umuntu uKristu Jesu, Sikhuleka kuBaba ngeGama likaJesu sisizwa nguMoya Ongcwele. Simele ukuba sithandaze sicele ngoJesu.

NgokukaMathewu 6:6

“Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.”

Yini okumele ukuba ngiyithandaze?

NgokukaMathewu 6:9 “Malingcweliswe igama Lakho”

Njalo simele ukuba siqale ngokumdumisa uNkulunkulu ngokuba simunikeze Yena izibongo zethu. Umbhalo

Ongcwele uthi simele ukuba singene emasangweni Akhe ngokubonga nangendumiso. Siza Kuye ngenxa yalokho Yena Ayikho, ayi ngalokho Yena angakwazi ukusenzela Kona.

NgokukaMathewu 6;10“Mawufike Umbuso Wakho, Intando Yakho mayenziwe”

NgokukaMathewu 6:11“Isinkwa sethu semihla ngemihla” –uyasondla asinakekele

NgokukaMathewu 6:12Ukuxolela/ Ukuthethelela

NgokukaMathewu 6:13Ukunqoba izilingo

Yiba neqiniso uma ukhuleka. uNkulunkulu akazixaki ngomuntu ofaka isimbozo senkolo. Ufuna ukuba wena umtshele ncamashi lokho okuzwayo kanye nalokho okucabangayo.

Ikuphi futhi inini lapho uJesu ebekhuleka khona?

Mark NgokukaMarku 1:35

Kukhona izinhlobo ezahlukene zomukhuleko esizithola Encwadini Engcwele:

1) Owokubonga KumaHeberu 13:15

2) Owukudumisa IHubo 35:18

3) OwokunxusaNgokukaJohane 14:13-14

4) Owokuvuma isonoIHubo 38:18; EkaJakobe 1:15

5) Owokuphenduka 1 KaJohane 1:17-9; NgokukaLuka 11:4

6) Owokukholwa NgokukaMathewu 21:21-22

7) OwokuvumelanaNgokukaMathewu 18:19-20

Umkhuleko noma umthadazo esivamise ukuwenza njalonjalo umkhuleko wokunxusa (ukucela). Kumele ukuba sazi ukuthi uNkulunkulu akabhekile kuphela ukunikezela izidingo zethu kuphela, kodwa ufuna ukusipha nezifiso zenhliziyo yethu. Nokhoke, sengifinyelele ekuqondeni ukuthi kubaluleke kakhulu ukuthandazela nabanye abantu ikakhulu kwizidingo zabo kunalezo ezethu.

Imibuzo yokubuyekeza (bhala izimpendulo zakho kwijenali):

Uzikhulekela kangakanani wena kanye nezidingo zakho?

Ubakhulekela kangakanani abanye abantu kanye nezidingo zabo?

Umkhuleko onamandla kakhulu ilowo obizwa ngokuthi umthandazo wokuvumelana.

Mathewu 18-19-20

“Futhi ngiqinisile ngithi kini: Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini.20Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”

Kuloluhlobo lomkhuleko ilapho sicela siphinde sivumelane nabanye abazalwane abakholwayo ngokwentando kaNkulunkulu.

Ingabe ngubani okumele ukuba simukhulekele?

1 KuThimothewu 2:1-4

Ngakho-ke kuqala kukho konke ngiyala ukuba ukunxusa, nokukhuleka, nokucela, nokubonga kwenzelwe abantu bonke,amakhosi nabo bonke abakhulu, ukuze sihlale kahle nangokuthula, ngokumesaba uNkulunkulu nangesizotha esipheleleyo.Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethuothanda ukuba abantu bonke basindiswe, bafinyelele ekulazini iqiniso.

NgokukaMarku 11:17

Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”

Ingabe uyamunikeza uNkulunkulu ithuba lokuba akhulume nawe?

Kulelisonto, zama ukulalela ukuthi yena uthini ngemuva kokuba wena usukhulumile. Umthandazo umayelana nokumethemba uNkulunkulu kanye nokukhuluma iqiniso Kuye. Siyathandaza ngoba siyawudinga umkhuleko ayi ngoba uNkulunkulu uyawudinga. Umthandazo ushintsha thina ayi uNkulunk.

Isenzo:

Bhala uhla lwabantu abahlanu ongathanda ukubakhulekela bese uchitha amaminithi ayishumi ukhulekela bona.

Usuku 8Usuku 10

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/