Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 8 KWEZINGU- 14

Izwi likaNkulunkulu

KumaHeberu 4:12

Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo.”

Izwi likaNkulunkulu lifaka kulo esithi i-logos (Isifundiso esihunyushwe kwigama lesiGriki nesichaza uJesu Kristu enguNkulunkulu uqobo lapho eziveza kwisambulo engukukhanya aphinde abe nguMsindisi wokuphila. uJesu

Kristu kasinikezi nje kuphela Izwi likaNkulunkulu thina bantu; kodwa Yena uyilo uqobo Izwi. Wehlukile kuBaba, kodwa, uNguNkulunkulu uqobo, bamunye esakhiweni Sabo.) kanye neZwi eliyi-rhema (leli izwi uMoya Ongcwele aliphuthumisa kumuntu othize ngenxa yesimo esithize abhekene naso.) Izwi esilibiza nge-Logos, izwi elilotshiwe

(elibhaliwe) kanti Izwi esithi i-Rhrema, Izwi uNkulunkulu alembula kuwe ngesikhathi sakho sokudinga noma kwisimo esithize obhekene naso. uNkulunkulu angakwazi ukukhuluma nathi ngezindlela ezahlukene, kodwake nanoma ngabe yini esizwa ngathi siyayemukela ngoba eyisho kithi, yona kayisoze yaphambana nalokho okuseZwini Lakhe elilotshiweyo.

Kungabe yini okumele ukuba siphile ngayo nsukuzonke?

NgokukaMathewu 4:4

Izinhlaka ezimbalwa ezingukhiye mayelana neZwi lika Nkulunkulu:

UNkulunkulu akashintshi futhi akasoze alijikele izwi Lakhe KumaHeberu 13:8

Izwi Lakhe kalisoze ladlula NgokukaMathewu 24:35

Simele ukuba silifunde Izwi likaNkulunkulu nsukuzonke Isambulo 1:3

Simele ukuba sihlezi sizindla ngeZwi likaNkulunkulu IHubo 1:2-3

Simele ukukwazi ukulisho singalibonanga Izwi likaNkulunkulu IHubo 119:9-11

Simele ukuba silifunde silicubungule Izwi likaNkulunkulu Izenzo 17:11;2 KuThimothewu2:15

Simele ukuthi silikholwe Izwi likaNkulunkulu 1 KwabaseThesalonika 2:13

Simele ukuba siliphile Izwi likaNkulunkulu nsukuzonke EkaJakobe 1:22

Simele ukuba sabelane ngeZwei likaNkulunkulu nabanye NgokukaJohane 8:30-32

Ungubani uLizwi?

NgokukaJohane 1:14

Kwenzakalani uma ufunda Izwi likaNkulunkulu?

1) KwabaseRoma 10:17 Ngalokho-ke ukukholwa kuvela ngokuzwa, ukuzwa kuvela ngezwi likaKristu.

2) IHubo 119:130 Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.

3) KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba.

Gcwalisa lamaZwi

4) IHubo 119:89

5) U-Isaya 55:10-11

6) 15:16 uJeremiya 15:16

Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso eliphelele

Ngesinye isikhathi “amaqiniso” asezimpilweni zethu ayaphikisana “neqiniso” Lezwi likaNkulunkulu.

Isibonelo: Kungenzeka ukukwazi ukuhamba phezu kwamanzi, kodwa uPetru wakwazi ukukwenza ngesikhathi uJesu emubiza ukuba akwenze.

“Iqiniso liyohlezi liyiqiniso, ngale kokuthi siyaliqonda, noma kasilikholwa noma asinalo ulwazi ngalo - W. Clement Stone

2 KuThimothewu 3:16

Ngokombhalo Ongcwele ku 2 Thimothewu, Izwi likaNkulunkulu linalezizinzuzo:

Ukufundisa, - Yini okumele ukholwe yiyo nokuthi kumele uphile kanjani

Nokusola, - lidalula isono nempilo yokuziphatha engayinhle

Nokuqondisa, - ungashintsha kanjani

Nokuyala ekulungeni- Umelwe ukuphila kanjani

Abanye abantu bakholwa ukuthi IBhayibheli incwadi incwadi nje eyabhalwa ngabantu. Wena ukholwa ukuthini?

Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, (2 KuThimothewu 3:16)

1 Kwabasekorinte 2:12-13

“Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa,13esikhuluma ngakho futhi, kungengamazwi afundiswa ngukuhlakanipha kwabantu kodwa afundiswa nguMoya, sichaza okomoya ngokomoya.”

Isenzo:

Bhala phansi Imibhalo Engwele emibili eya yasho okukhulu kuwe kulelisonto elidlule. Ake uchaze ukuthi uNkulunkulu utheni kuwe ngalemiBhalo Engwele?

Usuku 7Usuku 9

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/