Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 7 KWEZINGU- 14

Isiqiniseko Sensindiso


EkaJohane 5:24

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.”

Izindaba ezinhle ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuthi wena ube nesiqiniseko kukholo lwakho kanye nobudlelwano bakho Naye. Awudingi nakanye ukuthi kewumangale ukuthi ingabe uNkulunkulu uyakuthanda noma cha. Kodwa usathane ufuna ukuthi wena njalo uphile ngokwesaba, ukungabaza noma ukungakholwa.

2 KuThimothewu 2:13

“Uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.

KumaHeberu13:5

“Ukwenza kwenu makungabi ngokokufisa imali; yaneliswani ngeninakho; ngokuba yena ushilo wathi: “Angisoze ngakuyeka, angisoze ngakushiya,”

KwabaseRoma 8:38-39

“Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nakho okukhona, nakho okuzayo, namandla,nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando

lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.”

UNkulunkulu usesinikezile ofakazi ababili ukuba basisize ukuba sihambele kude nokungabaza futhi sibe nesiqiniseko esiphelele sensindiso yethu:

1. Izwi likaNkulunkulu (NgokukaJohane 5:24)

2. NguMoya Ongcwele (1 kaJohane 3:24)

Uma ubudlelwano bethu noNkulunkulu kungebeqiniso kungesikho obuncike kwinkoko, kuzohlaselwa.

KwabaseRoma 8:14-16

“Ngokuba bonke abaholwa nguMoya kaNkulunkulu, labo bangabantwana bakaNkulunkulu.Ngokuba anamukeliswanga umoya wobugqila ukuba nibuye nesabe, kepha namukeliswa umoya wobuntwana esimemeza ngaye sithi: “Aba, Baba!”Yena lowo Moya ufakaza kanye nomoya wethu ukuthi singabantwana

bakaNkulunkulu.”

Ngingazi kanjani ukuthi ngizokuya eZulwini futhi ngizophila phakade

NgokukaJohane 5:24

“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ozwa izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade; akayi ekwahlulelweni, kepha usephumile ekufeni, wangena ekuphileni.

1 KaJohane 5:13

Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu.

Imibuzo yokubuyekeza (bhala izimpendulo kwiJenali):

Nikeza izibonelo ezimbili ukuthi uzizwele kunjani ukuba noNkululunkulu kuze kube kwinkathi yamanje.

Ingabe unaso isiqinisekiso sensindiso?

1)Chaza into noma izinto ezibalulekile ozifundile kulelisonto?

2)Iziphi izindawo noma izingxenye osabona ukuthi usadinga ukukhula kuzo?

3)Bhala uhla lwemibuzo okungenzeka ukuthi usenayo ngalokho esikwethule sakufunda kwiviki eledlule.

Manjeke, thatha lezizimpendulo kumzalwane onguKristu osekhulile eNkosini bese udingida naye izimpendulo.

Mcele ukuba akukhulekise ukuthi lezizinto zizokwazi ukwambuleka nakuwe nokuthi uzokwazi ukuba nesiqiniseko sensindiso.

Usuku 6Usuku 8

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/