Ukuhamba NojesuIsampula

Ukuhamba Nojesu

USUKU 4 KWEZINGU- 14

NGOMUSA SISINDISIWE. KUZA NGOKUKHOLWA

KumaHeberu 11:1

“Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto ezithenjwayo, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.”

KumaHeberu 11:6

“kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.”

Omunye umshumayeli wake wasebenzisa lencanzelo elandelayo echaza ukukholwa: Ukukholwa ukumethemba uNkulunkulu ukuthi Uyikho lokhu athe Uyikho futhi kungukukholwa ukuthu Yena uzokwenza lokho Yena athe uzokwenza. Ukukholwa akusiwo umuzwa kodwa ukukhetha. Okuphambene nokukholwa ukungakholwa.

KwabaseEfesu 2:8

“Kepha kungu _______15 ukuba nisindisiwe ngoku ___________ 16, futhi nalokhu akusikho okwenu, kepha kungu ______________17 kaNkulunkulu.”

Ukuchaza ngokwami umusa: Ngukuzwa nokubona isipho esihle ongasifanelanga senzeka empilweni yakho.

KuThithu 2: 11-12

Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe, sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje.”

Umusa: Ukwamukela lokho ungakufanele kanye nokwamukela Amandla okwenza lokho okulindeleke kithi.

Ingabe iziphi izinhlaka ezintathu ezibalulekile kwimpilo yakho lapho ungabaza khona ubunjalo bukaNkulunkulu?

Ingabe iziphi izingxenye ezintathu ezibalulekile kwimpilo yakho noma izimo ezikuvimbayo ukuba ume uqine okholweni kanye nasekumethembeni uNkulunkulu ngenhliziyo yakho yonke?

Sidinga ukuba simethembe uNkulunkulu futhi singahambi noma siphile ngezinto esizibonayo kuphela, kodwa ngokukholwa.

Izisekelo ezimbalwa zokukholwa:

Ukukholwa okusemqoka kwinsindiso yethu Kwabase-Efesu 2:8-9

Ngamunye ngamunye samukelisiwe isilinganiso sokukholwa KwabaseRoma 12:3

Ukukholwa kwethu okunqoba izwe 1 EkaJohane 5:4-5

Ukukholwa kwami kukhulu ngo...KwabaseRoma 10:17-19

kumaHeberu 11:1

“Kepha ukukholwa kungukuqiniseka ngezinto __________________2, kuyiqiniso ngezinto ezingabonwayo.”

Ukukholwa kuzibonakalisa ngalokhu:

KwabaseGalathiya 5:6

EkaJakobe 2:14-18

Ingabe iziphi izinto ezimbili ezinqala/ushintsho omethemba ngalo uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje?

Ubufakazi:

Besikuhambo olubheke e-Angola lobumishinari kanti sasidinga amaphephamvume ukuze sikwazi ukuqhubekela kwezinye izindawo sidlule nakwizivimbamgwaqo. Sithe uma sifika kwelinye idolobhana sathola ukuthi amandla kagesi ayesaphelile kanti neziphathimandla zamahhovisi zase zihambile ziye kwelinye idolobha nakhona

bezizoze zibuye ngemuva kwezinsuku ezintathu. Sasiwadinga lamaphepha emvume ngalo lona lelolanga. Sabe sesipaka imoto ngasesiteshini samaphoyisa nalapho singazi ukuthi kumele Senzeni. Lalishisa kakhulu ilanga, maduzane ngabe sengiqala ngikhononda ngitshela uNkulunkulu ukuthi konke lokhu yiphutha lakhe. Kwathingemuva kwamahora amathathu ngikhononda, ngagcina sengithule ngase ngiqala ngilalela uNkulunkulu owabe esengitshela ukuthi mangiqale ngimucele ngokukholwa ukuba sithole amaphephamvume. Ngemuva nje kwamaminithi amathathu kwama imoto eceleni komgqwaqo kwaphuma kuyo umuntu esingamazi wabe esethi kuthina: “Bengishayela nje ngase ngizwa ugqozi olukhuli lokuba ngime nginisize.” Wayengesinye sezikhulu zikaHulumeni owayenegunya lokukhipha amaphepha emvume ezimoto. Khona lapho iphoyisa thizeni lasondela ukuza kithi lasibuza ukuthi ingabe singabantu abavela eNingizimu Afrika. Wabe esekhipha iphepha wabe esethi uye wathola isikhahlamezi esisinikeza imvume ukuthi singakwazi ukuhambela zonke izifundazwe. Ngamaminithi angu 40 nje kuphela bese siwaphethe ngezandla amaphepha asinikeza imvume futhi bese singakwazi ukuqhubekela phambili nohambo lwethu. Ngaqala ukuqaphela ngemuva kwesikhathi ukuthi iphoyisa lalamukele amaphepha emvume ngesikhahlamezi yize Amandla kagesi ayephelile endaweni, ngokuseqinisweni lokho kukodwa kwakungumumangaliso!

Usuku 3Usuku 5

Mayelana naloluHlelo

Ukuhamba Nojesu

Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?

More

Nos gustaría agradecer a PS SIAS LE ROUX por proporcionar este plan. Para mayor información por favor visite: https://shofaronline.org/church/stellenbosch/