Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 1 KWEZINGU- 7

UMoya ungukwethaba kukaNkulunkulu

UMoya Oyingcwele unguNkulunkulu. Umuntu ohlala kithi, osiholayo, nosicolisayo uNkulunkulu kuphela, uMoya Oyingcwele. Ubufakazi obulula balokhu "uMoya Oyingcwele". UMoya "ungokaNkulunkulu" hhayi ngoba uNkulunkulu amdala, kodwa ngoba unemvelo kaNkulunkulu futhi evela phakade kuNkulunkulu (buka 1 KwabaseKhorinte 2:10–12).

Uma iNdodana kaNkulunkulu ilingana phakade noBaba, njengokusho kukaJohane 1:1–3, kanjalo noMoya Oyingcwele ulingana phakade nabo bobabili, ngoba, njengokusho kwabaseRoma 8:9–11, uMoya kaKhristu munye noMoya kaNkulunkulu. Uma bekungenjalo, bekuyomele ngicabange ukuthi kwabe kwabakhona isikhathi lapho iNdodana yayingenaMoya noBaba wayengenaMoya. Kodwa uMoya Oyingcwele ubalulekile ebudlelwaneni phakathi kukaBaba neNdodana. Ngokusebenzisa amazwi kaHandley C.G. Moule, “UNgumuphumela, Ifindo, Inqola, yokuthakasa kwabo nothando” (Person and Work of the Holy Spirit, p. 28).

Kusukela emaphakadeni uNkulunkulu uBaba ubeyithanda iNdodana, bekunothando olungapheni nokuthakasa kukaMoya Oyingcwele phakathi kwabo, naYe ebe enguMuntu Ongcwele. Ngakho-ke, njengoba uJesu ekhulekela ibandla encwadini NgokukaJohane 17:26, ucela uYise uMoya Oyingcwele kuphela ethi, “Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.

Iqiniso elikhazimulayo esilitholayo kulezizinsuku ezi-7 zokuzindla ukuthi uma uMoya Oyingcwele engena ezimpilweni zethu, akafiki kuphela njengoMoya weNdodana, hhayi kuphela njengoMoya kaBaba, kodwa ewuMoya ongapheliyo wothando phakathi kukaYise neNdodana, ukuze simthande uBaba ngalolothando lweNdodana, nothando iNdodana emthanda ngalo uYise.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/the-holy-spirit-he-is-god

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/