Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 5 KWEZINGU- 7

Umoya usigcwalisa Ngentokozo

Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.. Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya. —Kwabase-Efesu 5:15-18

Bayelani abantu otshwaleni? Ngenxa ye-happy hour. Sonke sifuna ukuthokoza, kodwa kunenkinga: “Izinsuku zimbi” (v. 16).

Ushonaphi una izinsuku zizimbi, uma wesaba noma uphelelwe ithemba noma ucindezelekile noma umaxhapheshu? UPawulu uyasincenga: “Ningadakwa utshwala; yanini kuMoya Oyingcwele. Okuhle okungalethwa utshwala kuwe, uNkulunkulu uMoya Oyingcwele angakulethelela okukhulu kunalokho.”

Kukhona abantu abangakwazi ukushaya ngisho ikhwela lenjabulo noma ukucula iculo emsebenzini ngoba bamaxhapheshu ngempilo. Kodwa ebusuku uma sebesetshwaleni sebephuzile bayakwazi ukwangana bahleke bacule.

Sonke sifuna ukungabi nezinkinga, sijabule. Okubi ezinsukwini zethu zokuphila ukuthi, njengoba kwakunjalo ezinsukwini zikaPawulu, ukuthi bayanda abantu (ngisho amaKhristu) abakholwa ukuthi eyona ndlela yokuthola ukukhululeka okufana nokwabantwana ukuphuza utshwala. Ukuziphatha okunjalo akumdumisi uNkulunkulu, futhi uPawulu uthi: Kunendlela engcono yokuphila ezinsukwini ezimbi—gcwaliswani ngoMoya Oyingcwele, niyokwazi ukuthokoza okungenakulinganiswa okuhlabelela kucule amaculo kuNkulunkulu.

Manje, kusho ukuthini ukugcwaliswa ngoMoya?

UMoya osigcwalisayo unguMoya wentokozo ogobhoza phakathi kukaNkulunkulu uBaba noNkulunkulu uNdodana ngoba bayazijabulisa omunye komunye. Ngakho-ke, ukugcwaliswa ngoMoya kusho ukufakwa entokozweni okugobhoza eButhathwini Obungcwele nasothandweni lukaNkulunkulu uBaba noNkulunkulu iNdodana ngothando abathandana ngalo.

Umgudu kaMoya awuthathayo eklaya ehlathini lokukhathazeka kwethu eya emathafeni entokozo umgudu wokukholwa. NgokukaPawulu, indlela yokugcwaliswa ngoMoya ingukwethemba ukuthi uNkulunkulu umnini wethemba uyabusa impela—ukuthi umzwilili awuyikuwa phansi ngaphandle kwentando yakhe (NgokukaMathewu 10:29)—nokuthi uphethe umhlaba wonke nalabo abathemba izwi lakhe. Ekukholweni lokho, uzogcwaliswa ngoMoya Oyingcwele nentokozo.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/be-filled-with-the-spirit

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/