Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 3 KWEZINGU- 7

UMoya Unqoba Ukwesaba

Ngokuba ngiyothela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokushileyo; ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho, nesibusiso sami phezu kwenzalo yakho. —U-Isaya 44:3

Uyazi ukuthi yini kulula ukuba nomusa kubantu ngoLwesihlanu kunoMsombuluko? Akungoba ithemba lifana nomfula ogobhozela kithina usuka kwikusasa eliqhakazile, ugcwalise inqolobane yentakaso yethu, uze uthelele umusa kwabanye?

NgoLWesihlanu ukuphumula nokudlala kusuke kuseduze, kangangokuba singakunambitha. Ngethemba sinambitha amandla empelaviki esuke iza. Inqolobane encane yokuthakasa kwethu iqala ukugcwala. Futhi uma impelaviki ibukeka ikhanya kakhulu, inqolobane yokuthakasa igcwaliswa ize iqale ukuchichima.

Ukuchichima kokuthokoza kwabanyekubizwa ngokuthi uthando. Ngakho-ke ubaphatha kahle abantu ngoba ujatshuliswa ikusasa lakho. Ithemba likugcwalisa ngenjabulo, injabulo ichichima ngokumamatheka namazwi nezenzo zomusa. Kwenzeka uma kuzoba namaholide, uma kuzoba nosuku lokuzalwa, kuzoba noKhisimusi, kubantu abaningi uLwesihlanu.

Uma sicwiliswe kuMoya, sicwiliswe ekwazini ukuthi uMsombuluko wenziwe ezulwini njengoba kwenziwe uLwesihlanu ezulwini. Okububeka kwesabeka kusasa akudingi ukukwesabisa uma ugcwaliswe ngoMoya. Noma ubudlelwane ekhaya bunzima, impilo yehla, umphathi emsebenzini ehlosa ukukuxosha, ikusasa lingahle likusabise—noma yini ekusabisayo ngekusasa, vula inhliziyo yakho ekugcwalisweni nguMoya Oyingcwele; buka izwi lakhe eliyisithembiso bese yena ekugcwalisa ngethemba ukuze unqobe ukwesaba kwakho.

Uma uMoya Oyingcwele etheliwe, akususwa kuphela ukwesaba kodwa nokufisa kuyesuthiswa. Ukoma komoya omela uNkulunkulu kuyasuthiswa—noma sinambitha ukwesuthiswa kuye kangangokuba siyazi ukuthi sihlala kuphi impilo yethu siphuza.

Ikusasa lethu lingabukeka lilufifi ngezizathu ezimbili: okokuqala ukuthi ubunhlungu buyeza; okwesibili ukuthi ukujabula akuzi. Wonke umsebenzi wenhliziyo yomuntu awukhathazwa yilezi zinto zimbili: ukwesaba ubuhlungu nokomela intokozo yakusasa? Uma kunjalo, isithembiso sikaIsaya siyilokhu esikudingayo: uma uMoya Oyingcwele ethelwa empilweni yakho, zinikele imini nobusuku ekufundeni iZwi.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/a-precious-promise-the-outpouring-of-gods-spirit

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/