Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula
UMoya Usenza Siphephe
Kuye...wena...wabekwa uphawu lukaMoya Oyingcwele owathenjiswayo, oyisibambiso sefa lethu size silithole, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe. —Kwabase-Efesu 1:13-14
Okufunwa uNkulunkulu kakhulu ukuthi sizizwele sinethezekile othandweni nasemamndleni akhe. Konke okunye empilweni kungaba ntekenteke—ezempilo, umndeni wethu, umsebenzi wethu, imfundo yethu, umphakathi, umhlaba. Kukho konke kungenzeka uzizwe uwedwa phezulu esicongweni emoyeni ongazeki. Uzizwa uphelelwa indawo uwa, konke lapho uzama ukubambelela khona kuyaphushuka.
Njengoba uNkulunkulu enza konke enzela ukudunyiswa nokukhazimuliswa kwakhe, futhi njengoba ukukholwa iZwi lakhe kuphakamisa inkazimulo yakhe, uNkulunkulu uthatha izinyathelo ukuzitholela inkazimulo phakade: ufaka uphawu kuwo wonke okholwayo ngoMoya Oyingcwele, athembise ukuthi ifa lethu siyolithola simdumisa enkazimulweni.
UNkulunkulu uzinikele kubantu bakhe abaphilela ukumdumisa nokumkhazimulisa nokuthi ikusasa labo lingabi sezandleni zokwazi namadla nokufisa kwabo. Wenza uMoya Oyingcwele wakhe ukuthi angene kithi asenze siphephe njalonjalo.
UNkulunkulu uthumela uMoya Oyingcwele njengophawu lokukhiya ukukholwa kwethu, njengesiqiniseko esiwuphawu lobudodana bethu, njengophawu olusivikela emandleni okushabalalisa. UNkulunkulu ufuna sikhuseleke othandweni nasemandleni akhe
Kwabase-Efesu 1:14, uNkulunkulu uthi, “Engikufunayo ukuthi abakholwa yimi bazizwe bekhuselekile othandweni lwami. Nginikhethile ngaphambi kokusekelwa umhlaba. Nginibizile ukube nine ngabantwana bami njalonjalo. Nginikhululile ngegazi leNdodana yami. Futhi nginifake uphawu lukaMoya njengesibambiso. Ngakho-ke, nizokwamkela ifa nendumiso yenkazimulo yonkazimulo yami kuze kube phakade.Ngiyasho futhi ukuthi kwabase-Efesu 1 ngoba ngifuna nizizwe nikhuselekile othandweni nasemandleni ami.Anginithembisi impilo elula. Empeleni, kukho konke ukuhlushwa nimelwe ukungena embusweni (Izenzo 14:22). Angisho futhi: Nginikhethile; nginithengile; nginifake uphawu lukaMoya Oyingcwele. Ifa lakho liqinisekile, ngoba ngizinikele ukuphakamisa inkazimulo yomusa wami ensindisweni yenu.”
Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/sealed-by-the-spirit-to-the-day-of-redemption
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper
More