Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 7 KWEZINGU- 7

UMoya Uvusa Imizimba Yethu

Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKhristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa imizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini. —KwabaseRoma 8:11

UNkulunkulu unendaba nomzimba wakho. Uma bekungenjalo, ubezokuyekelela ubole ethuneni kuphele lapho. Kodwa akasho njalot. Cha, uNkulunkulu wakudala nomzimba futhi wakudalela inkazimulo yakhe.

Ngakho-ke uzokuvusa anike umzimba wakho ophelayo impilo ngoMoya wakhe noma ngabe mubi, uphukile, uhlephukile, unezifo, bese ekwenza ubenamandla, ubenempilo, ubemuhle, kangangokuthi lapho ngiwubona, ngiyothi, “Unjengesibhakabhaka esihlaza emini yehlobo. Unjengobuhle bezigidigidi bezinkanyesi emkhathini omnyama ebusuku. Ukukhazimula kwakho kufana nokwelanga; yebo, kuwe ngibona amandla nobuhle buka Jesu Khristu owakwenza, wakuthenga, wakuvusa, wakukhazimulisa ngenkazimulo yakhe phakade naphakade.”

Umuntu angawathola kuphi amandla ukuqhubeka empilweni yothando lapho kunemiklomelo emncane kangaka emhlabeni? Owesilisa noma owesifazane abashadile batholaphi amandla kamoya ukuthi baqhubeke baphe noma bengatholi lutho? Owesilisa noma owesifazane ofisa ukushada uwatholaphi amandla okuqhubeka iminyaka engamashumi ayisikhombisa eyedwa? UJesu wawathathaphi amandla okumela isiphambano adele ihlazo (KumaHebheru 12:2)?

Ngenxa yenjabulo esibekelwe yona ekuvukeni simela konke ngoKhristu. uJesu akathembisanga ukuthi ukumlalela yena kuyovuzwa ngabantu kulempilo. Ukwethaba kwethu kuvela ethembeni lethu elinganyakaziswa kwabaseRoma 8:11, hhayi ezimweni ezishintshayo empilweni yethu. “Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKhristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa imizimba yenu efayo.”

Uma ukholwa ngempela ukuthi uNkulunkulu ungakuwe akamelene nawe, nokuthi uzokunika ukuphila emzimbeni wakho ofayo ngoMoya wakhe ohlala kuwe, nokuthi noma yini enhle oyidelayo kulempilo uyoyithola iphindiwe ngokuyikhulu ekuvukeni kwabalungile (Mark 10:28-30), nokuthi uyokhazimula njengelanga embusweni kaYihlo, uyakuba namandla angapheli okuthi uqhubeke ukwenza okuhle uNkulunkulu akubizele ukuthi ukwenze noma abantu bebona noma bengaboni.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/the-spirit-will-give-life-to-your-mortal-bodies

Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/