Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 2 KWEZINGU- 7

UMoya Uyasihola

Ngezikhathi zonke iMibhalo iyasisiza siqonde izimo zempilo: imishado engaphumeleli, abantwana abaphuma esandleni, ukucindezelwa izidakamizwa, izimpi zamazwe, ukubuyela kwamahlamvu entwasahlobo, ukulangazelela okungaphezi kwenhliziyo, ukwesaba ukufa, ukufika kwabantwana, ukuphakamisa nokusola ezizweni, ukubakhona kokuziphakamisa, nokuphakanyiswa kokuzidela.

IBhayibheli liyacindezela futhi nafuthi lisenza siqonde izimo emhlabeni futhi lisikhombise indlela eya ekuhlalisaneni. Ngiyethemba, ngakho-ke, ukuthi enye yezifundiso esizilonda kakhulu esingaze sisifele (futhi sisiphilele) ukuthi uMoya Oyingcwele uyena ungumBhali weMibhalo.

O, ukube besinosuku lonke ukukhuluma ngokushiwo yilesisifundiso! UMoya Oyingcwele waphakade, uMoya wothando nokuthakasa phakathi kukaYise neNdodana, ungumbhali weMibhalo.

  • Ngakho-ke, uliqiniso (Amahubo 119:142) futhi uqinisekile (KumaHeberu 6:18).
  • Unamandla, usebenza injongo ezinhliziyweni zethu (1 KwabaseThesalonika 2:13) akabuyeli elambatha kuLowo omthumile (U-Isaya 55:10–11).
  • Umsulwa, njengesiliva elicoliswa emlilweni izikhathi eziyisikhombisa (AmaHubo 12:6).
  • Uyacolisa (NgokukaJohane 17:17).
  • unika ukuphila (AmaHubo 119:37, 50, 93, 107; NgokukaJohane 6:63; NgokukaMathewu 4:4).
  • Uyahlakaniphisa (AmaHubo 19:7; 119:99–100).
  • Unika impilo (AmaHubo 19:8; 119:16, 92, 111, 143, 174) athembise umvuzo omkhulu (AmaHubo 19:11).
  • Unika amandla kwabayethileyo (AmaHubo 119:28) futhi uyaduduza abakhathazekileyo (AmaHubo 119:76) nokulawulwa kwabadingayo (AmaHubo 119:105) nokusindiswa kwabadukileyo (AmaHubo 119:155; 2 kuThimothewu 3:15).

Ukuhlakanipha kukaNkukunkulu eMibhalweni kukhulu kakhulu. Uma lokhu kuyiqiniso, kusho ukuthi imiphumela mikhulu kakhulu ngendlela yokuthi konke ezimpilweni zethu kuyathinteka.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/the-holy-spirit-author-of-scripture

Usuku 1Usuku 3

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/