Phila NgoMoya: Ukuzinikela No John PiperIsampula

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

USUKU 6 KWEZINGU- 7

UMoya Uyasisize Sife

Uma nithukwa ngenxa yegama likaKhristu, nibusisiwe, ngokuba uMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uhlezi phezu kwenu. —1 kaPetru 4:14

UCorrie ten Boom usixoxela ngokuthi wayekhathazeka eseyintombazanyana ukuthi uyokwazi na ukumelana nesizwe samaJalimane uma ehlaselwa. Wayezizwa ephelelwa ngamandla uma ecabanga ngokungenzeka. Uyise, umangingaphosisi, wamnika umfanekiso omuhle. Wathi, “Uma uzothatha uhambo lwesitimela, unikezela ngethikithi lapho kusasele amaviki amathathu ukuba uhambe noma mawungena esitimeleni?” Waphendula wathi; “Uma ngingena esitimeleni.” “Kanjalo uNkulunkulu uzokunikeza amandla akhethekile okumela ukufa mhla ukudinga, hhayi ngaphambili.”

Ngikholwa ukuthi u 1 kaPetru 4:14 uthembisa ukuthi ngehora lokuhlushwas okukhulu uNkulunkulu uyaziveza kubantwana bakhe ukubanika isibindi nokukholwa abebengazi ukuthi banakho. UMoya Oyingcwele uzokusiza ufe.

Umlando usitshela ukuthi uPawulu wafa ngokunqunywa ezandleni zikaNero. Umbhalo kaPAwulu wokugcina kukholwakala ukuthi u 2 kuThimothewu. Ukuhlushwa kwakhe kwasekuqalile. Cabanga ngesotsha elidala, elinezibazi ngenxa yoMkhuzi walo, libanjwe eRoma. Ubizelwa enkantolo. Wonke umuntu uyazi izinsuku zakhe zibaliwe. Unomboliwe. Ngakho akekho ebanganini bakhe oma naye. Uyaziphendulela. Isinquma siyenziwa ukumlalela futhi—bese kyaphela. Ubuyela lapho ebanjelwe khona bese ebhalela uThimothewu lamazwi (2 kuThimothewu 4:16–17), “Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya. Kepha makungabalelwa kubo lokho! Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla.”

Ngiyathandaza ukuthi uwakhumbule lamagama: UMoya uzokusiza ufe. Uzoma nawe noma kungasekho muntu omunye. Uzosimisa ukukholwa kwakho. Uzokunika isithombe senkazimulo ezayo. Uzokusiza uphakamise uJesu ekufeni kwakho. Isibindi ongakaze ucabange ukuthi sikhona siyoba ngesakho. UMoya wenkazimulo nokaNkulunkulu uzophumula kuwe ukuse ekhaya.

Funda okunye: http://www.desiringgod.org/messages/the-holy-spirit-will-help-you-die

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

Live By The Spirit: Devotions With John Piper

Izinsuku ezi-7 Zokufunda Ngokuzinikela kuMoya Ongcwele ngoJohn Piper

More

Sithanda ukubonga uJohn Piper ne Desiring God ngokusinikeza leluhlelo. Ngeminye imininingwane, sicela uvakashele: http://www.desiringgod.org.tv/