IBhayibheli LaBantwanaIsampula

IBhayibheli LaBantwana

USUKU 1 KWEZINGU- 8

Sadalwa ngubani? IBhayibheli, izwi likaNkulunkulu, liyasitshela ngemvelaphi yomuntu. Kudala emandulo, uNkulunkulu wadala indoda yokuqala ngqa! wayiqamba ngokuthi u-Adamu. UNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi.

Ngenkathi uNkulunkulu ephefumulela emakhaleni ka-Adamu umoya wokuphila, kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo. UNkulunkulu wambeka engadini enhle kakhulu ebizwa ngokuthi i-Edene.

Ngaphambi kokuba uNkulunkulu edale u-Adamu, wadala umhlaba omuhle kakhulu ogcwele izinto ezimangazayo.

Kancane kancane uNkulunkulu wenza izintaba kanye nezinsimi, izimbali ezinuka kahle nezihlahla ezinde, izinyoni ezimabalabala kanye nezinyosi, izilwane zolwandle kanye neminnenke. Kahle kahle, uNkulunkulu wadala yonke into ekhona- konke okukhona kwadalwa Nguye.

Emandulo, ngaphambi kokuba uNkulunkulu edale yonke into, kwakungekho lutho, kukhona uNkulunkulu kuphela. Kungekho muntu, zingekho izindawo, kungekho lutho. Lutho. Kungekho kukhanya futhi bungekho nobumnyama. Kungekho phezulu kungekho phansi. Kungekho zolo kungekho ksasa. Kwakukhona uNkulunkulu ongena siqalo ongenasiphetho. UNkulunkulu bese waqala wadala!

Ekuqaleni, uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.

Umhlaba wawuyihlane elingenalutho, kwakungubumnyama phezu kotwa. Bese wakhuluma uNkulunkulu. “Makube khona ukukhanya”.

Kwaba khona ukukhanya. UNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. Wabiza ukukhanya ngokuthi imini; umbumnyama ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa kwaba usuku lokuqala.

Ngosuku lwesibili, uNkulunkulu wahlukanisa amanzi namanzi. Wenza amanzi aphansi kwezulu ukuba aqoqane ndawonye. Ngosuku lwesithathu uNkulunkulu wathi, “Makubonakale umhlabathi owomileyo.” Kwaba njalo.

UNkulunkulu waphinde wayala umhlaba ukuba uveze utshani, nemfino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo. Kwaba njalo. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa kwaba usuku lwesithathu.

UNkulunkulu wadala ilanga nenyanga nenkanyezi eziningi engeke zabalwa muntu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa kwaba usuku lwesine.

Izilwane zolwandle kanye nezinhlanzi kanye nezinyoni kwaba okulandelayo kuNkulunkulu. Ngosuku lwesihlanu wadala imikhomo emikhulu kanye nezinhlanzi ezincane, iNtshe enemilenze emide kanye nezinyoni ezicula kamnandi. UNkulunkulu wadala izilwane zolwandle ukuba zibuse ulwandle ngezinhlobo zazo kanye nezinyoni ezindizayo ngezinhlobo zazo. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa kwaba usuku lwesihlanu.

Emuva kwalokho, uNkulunkulu waphinde wathi, “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo. .” Kwaba njalo. Kwaba khona izindlovu ezinyakazisa umhlaba, izinkawu kanye nezingwenya ezinwabuzelayo. Izindlulamithi namakati. UNkulunkulu wadala zonke izilwane ngezinhlobo zazo ngalolo suku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa kwaba usuku lwesithupha.

UNkulunkulu wenza okunye futhi ngosuku lwesithupha - into ekhethekile kakhulu. Yonke into yayisilungele uMuntu. Kwakukhona ukudla ezinsimini kanye nezilwane ezizomulekelela.

Waphinde wathi uNkulunkulu, “Masenze abantu ngomfanekiso Wethu. Babuse phezu kwayo yonke into emhlabeni.” NGAKHOKE UNKULUNKULU WADALA UMUNTU NGOMFANEKISO WAKHE, NGOMFANEKISO KANKULUNKULU UMUNTU WADALWA...

UNkulunkulu wakhuluma no-Adamu. “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho kepha ungadli esihlahleni sokwazi okuhle nokubi. Uma udla kusona uyokufa nokufa.”

UJehova uNkulunkulu wathi, “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye” UNkulunkulu waletha zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa ku-Adamu. U-Adamu waziqamba zonke. Kufanele ukuba wayehlakaniphe ngempela ukuze akwazi ukuziqamba zonke izilwane. Kepha kuzozonke izinyoni nezilwane zasendle, u-Adamu akatholelwanga umsizi onjengaye.

UNkulunkulu wehlisela u-Adamu ubuthongo obunzima, walala. Wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wakha owesifazane ngombambo abelithathe ku-Adamu. Lowesifazane Wayekufanela ukuba umsizi wa-Adamu.

UNkulunkulu wadala yonke into ezinsukwini eziyisithupha. Bese uNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa ngokuba walenza kwaba usuku lokuphumula. Engadini yase-Edene u-Adamu kanye nonkosikazi wakhe u-Eve babejabule kakhulu belalela uNkulunkulu. UNkulunkulu wayengu Jehova umhlinzeki nomngani wabo.

Yaphela

Usuku 2

Mayelana naloluHlelo

IBhayibheli LaBantwana

Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.

More

Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php