IBhayibheli LaBantwanaIsampula

IBhayibheli LaBantwana

USUKU 6 KWEZINGU- 8

Wama uMama entabeni. Kunomsindo, amehlo akhe agcwele ukweswaba, inhliziyo yakhe igcwele izinhlungu, ubukele. Indodana yakhe yayifa. UMama kwakunguMariya, wayeme eduze kwesiphambano lapho uJesu wayebethelwe khona.

Kwenzeke kanjani konke lokhu na? Ingaphela kanjani kabi kanje impilo kaJesu ebe aphila impilo enhle kanje na? Engavuma kanjani uNkulunkulu ukuba iNdodana yakhe ibethelwe esiphambanweni ifele khona? Ngabe uJesu wenza iphutha? Ngabe wahluleka uNkulunkulu?

Cha! uNkulunkulu akahlulekanga. UJesu akalenzanga iphutha. UJesu wayekade azi ukuba uzakubethelwa izoni esiphambanweni. Ngisho ngenkathi uJesu esayingane, indoda esikhulile ekuthiwa uSimeyoni yayike yamutshela uMariya ngalesikhathi esinezinhlungu ukuba siyeza.

Sekusele izinsuku ngaphambi kokubethelwa kukaJesu, kwafika owesifazane wathela izinyawo Zakhe ngamafutha anamakha anenani elikhulu. “Umosha imali,” kusho kukhononda abasizi. “Wenze umusebenzi omuhle kakhulu,” kusho kuphendula uJesu. “Wenzela umngcwabo wami.” Amagama adidayo ngempela!

Emva kwalokho, uJuda Iskariyothe, oyedwa wabayishumi nambili baJesu, waya kubapristi abakhulu bamunika izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu ukuze adayise uJesu.

EPhasikeni lamaJuda, uJesu wadla kokugcina nabasizi bakhe. Wabatshela izindaba ezimnandi ngoNkulunkulu kanye nezithembiso zakhe kulaba abamuthandayo. Bese uJesu wabanika isinkwa kanye nenkomishi ukuba becazelane. Lokhu kwaku yisikhumbuzo kubona ukuthi umzimba kaJesu kanye negazi lakhe kuletha intethelelo.

UJesu watshela abangani bakhe ukuthi uzodayiswa, futhi bona bazobaleka. “Angeke ngibaleke mina,” kusho uPetru. “Ngeke likhale iqhuda lamuhla ungakangiphiki kathathu uthi awungazi.”

Ngalobo busuku, uJesu wahamba waya engadini yaseGetsemane wathandaza. Abasizi Bakhe bazumeka. “.. asidlule kimi lesi sitsha. Nokho, kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengoba uthanda wena.”

Ngokushesha kwafika uJuda Iskariyote ehamba nesixuku. UJesu akazange abhilinte, kodwa uPetru wagenca wanquma indlebe yendoda. UJesu walula isandla walapha indlebe yendoda. UJesu weyazi ukuthi ukuboshwa kwakhe kwiyintando kaNkulunkulu.

Isixuku samuthatha uJesu samusa kumpristi omkhulu, lapho kwakuhlangene khona ababhali namalungu, athi uJesu akafe. UPetru wahlala nezikhonzi emlilweni wabuka, efuna ukubona isigcino.

Kwaze kwaba kathathu abantu bethi kuPetru, “Nawe ubunoJesu!” Kwaze kwaba kathathu uPetru ephika, njengo kusho kwaJesu. Upetru waphika, wafunga, wazewathuka nenhlamba.

Kusenjalo, lakhala iqhude. Kwaba sengathi izwi likaNkulunkulu likhuluma noPetru. Wayesekhumbula izwi likaJesu, wakhala.

NoJuda Iskariyothe wazisola naye. Weyazi ukuthi uJesu wayengonile futhi engenacala. Wabuyisela izinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu, kodwa abapristi abavumanga ukuzithatha.

Wayesephonsa izinhlamvu zesiliva phansi ethempeli, wamuka - wazilengisa.

Abapristi baletha uJesu phambi kwaPilatu, umbusi wamaRoma. UPilatu wathi, “Ngimthola engenacala loMuntu.” kodwa saloku simemezile isixuku, “Makabethelwe! Makabethelwe esiphambanweni!”

UPilatu esebona ukuthi akanakwenza lutho, wamnikela ukube abethelwe esiphambanweni. Ibutho lamushaya uJesu, lamuthimusela ngamathe, bese lamushaya ngeziswebhu. Bamenzela umqhele wameva bawufaka ekhanda Lakhe. Bese Bamubethela esiphambanweni ukuba afe.

UJesu weyazi ukuthi wayezofa ngololuhlobo. Futhi weyazi ukuthi ukufa kwakhe kuzoletha intethelelo kwizoni ezikhetha ukuthembela kuYena. Kwakukhona izigebengu ezimbili ezazibethelwe naye emaceleni. Oyedwa wayekholwa kuJesu – waya noJesu emBusweni. Lo umonye akazange.

Emva kwesikhathi eside esezinhlungwini, uJesu wayesethi, “Sekwenziwe,” bese wafa. Umsebenzi wakhe wawusuqediwe. Abangani Bakhe bamungcwaba ethuneni elifihliwe.

Ibutho lamaRoma lagingqela itshe elikhulu ethuneni bese baligada ithuna. Akekho owayezongena - noma aphume.

Ukube indaba iphela la, ngabe kuyadabukisa, Kodwa uNkulunkulu wenza into enhle kakhulu. uJesu akazange ahlale efile!

Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, abanye babasizi baJesu bafika itshe lisusiwe ithuneni. Balunguza, uJesu wayengasekho.

Owesifazane wama ethuneni ngaphandle ekhala. UJesu waziveza kuyena. Wagijima wabuyela emuva egcwele injabulo eyobikela abanye abasizi. “UJESU UYAPHILA! UJESU UKUNQOBILE UKUFA!”

Maduze uJesu waziveza nakubasizi bakhe, wabakhombisa izibazi zezipikili ezandleni. Kwakuyiqiniso. UJESU UVUKILE, UYAPHILA! Wathethelela uPetru ngokumphika kwakhe, bese wathumela abasizi ukube batshele abantu ngaye. Wabuyela ezulwini, lapho aqhamuka khona ngokhisimusi wokuqala.

Yaphela

Usuku 5Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

IBhayibheli LaBantwana

Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.

More

Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php