IBhayibheli LaBantwanaIsampula
Ngenkathi uJesu ephila emhlabeni Waxoxela abasizi Bakhe ngeZulu. Wayelibiza ngokuthi “Ikhaya LikaBaba”, bese wathi kukhona izithabathaba zemizi eminingi. Isithabathaba umuzi omkhulu futhi omuhle kakhulu. IZulu likhulu futhi lihle okudlula yonke imizi emhlabeni.
UJesu wathi, “Ngiya ukuyonilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani.” UJesu waya eZulwini emva kokuvuka ekufeni. Bebhekile abasizi Bakhe, uJesu wanyuka ngefu waze wasithela.
Kusukela lapho, AmaKristu ahlezi akhumbula isithembiso sikaJesu ukuba uyobuya abalande. UJesu wathi uyobuya masinye, engalindelekile. Pho kwenzekani ngamaKristu ashona Engakabuyi? IBhayibheli lithi bazoya ukuyoba noJesu. Ukushiya umzimba ukuba neNkosi.
IsAmbulo, incwadi yokugcina eBhayibhelini, iyakhuluma ngobumnandi beZulu. Kanti into eyisimanga ukuthi, ngendlela ekhethekile, iZulu ikhaya likaNkulunkulu. UNkulunkulu ukhona yonke indawo, kodwa isihlalo Sakhe sobukhosi siseZulwini.
Izingelosi zeZulu zikhuleka kuNkulunkulu eZulwini. Kanye nabo bonke abantu baNkulunkulu abashona baya eZulwini. Bamukhonza Bamudumise ngokuhlabelela. Nanka amanye amagama kwalinye lamaculo abaliculayo:
UFANELE WENA NGOKUBA WAHLATSHWA, WABATHENGELA KUNKULUNKULU NGEGAZI ELIVELA KUYO YONKE IMINDENI, NEZILIMU, NEZIZWE, WASENZA ABABUSI NABAPRISTI KUNKULUNKULU WETHU. (IsAmbulo 5:9)
Ikhasi lokugcina leBhayibheli lichaza iZulu njenge “Jerusalema Elisha”. Likhulu kakhulu, nodonga olude ngaphandle. Udonga lakhiwe ngetshe lejaspi elicwebezelayo, elicwebezela njenge ngilazi. Izisekelo zivunulisiwe ngawo wonke amatshe anenani elikhulu. Isango nesango lakhiwe ngitshe elikhulu lenani elikhulu!
Lamasango amakhulu awavalwa. Asike singene ngaphakathi sithi ukuqalaza.. MAYE! IZulu lihle okudlulele ngaphakathi. Idolobha lakhiwe ngobucwebe begolide, elicwebezela njenge ngilazi. Ngisho imigwaqo yenziwe ngegolide.
Kukhona umfula wamanzi okuphila ocwebezela njengeKristalu, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu. Phakathi kwesitaladi sawo umfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, njengaloyo wasengadini yase-Edene. Lomuthi ubalulekile futhi owokhethelo. Uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi awokulapha izizwe.
IZulu alidingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyalikhanyisa. Ubusuku abuyobakhona lapho.
Ngisho izilwane eZulwini zihlukile. Azilimazi futhi ziyadlalisana. Izimpisi kanye namawundlu kudla utshani ndawonye. Ngisho nengonyama idla utshani njengenkomo. INkosi ithi, “Aziyikulimaza, azingacithi kuyo yonke intaba Yami engcwele.”
Masiqalaza, siyabona ukuthi kukhona izinto ezingekho eZulwini. Akekho othuka omunye. Akekho olwa nomunye, futhi akekho unomona. Izicabha azikhiywa, ngoba amasela awekho eZulwini. Abekho abaqamba amanga, abekho ababulali, abekho abathakathi kanye nabo bonke abantu abangalungile. Asikho isono eZulwini.
EZulwini akukho ukukhala, azikho izinyembezi. Ngesinye isikhathi, abantu baNkulunkulu bayakhala ngenxa yezimo ezidabukisayo empilweni. EZulwini, uNkulunkulu uyozisula zonke lezonyembezi.
Akukho ukufa eZulwini futhi, Abantu baNkulunkulu bayoba neNkosi kuze kube ingunaphakade. Akukho ukudabuka, azikho izinyembei, azikho izinhlungu. Akukho ukugula, Akukho ukungcwaba. Wonke umuntu eZulwini uyaJabula kuze kube ingunaphaka noNkulunkulu.
Okuhle kunakho konke, iZulu elabafana futhi elamantombazane (ngisho nabadala futhi) abakholiwe kuJesu Kresti njengoMsindisi wabo futhi bamulalela njengeNkosi yabo. EZulwini kukhona incwadi ekuthiwa Incwadi Yokuphila Yewundlu. Igcwele amagama abantu. Uyazi ukuthi amagama obani alapha na? Bonke labantu ababeka ithemba labo kuJesu. Ngabe likhona elakho na?
Amazwi okugcina eBhayibheli ngeZulu ayisimemo esihle kakhulu. “UMoya nomlobokazi bathi, 'Woza!' Nozwayo makathi: 'Woza!' Nowomileyo makeze, othandayo makathathe amanzi okuphila ngesihle.”
Yaphela
Mayelana naloluHlelo
Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.
More
Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php