IBhayibheli LaBantwanaIsampula

IBhayibheli LaBantwana

USUKU 3 KWEZINGU- 8

UNowa wayeyindoda emukhonzayo uNkulunkulu. Bonke abanye abantu babemuzonda futhi bengamufuni uNkulunkulu. Ngelinye ilanga, uNkulunkulu washo into esabisayo. “Ngizakubhubhisa lomhlaba owonakele,” UNkulunkulu esho kuNowa. “Uwe nomndeni wakho kuphela abayosinda.”

UNkulunkulu waxwayisa uNowa ukuthi kuzoba nozamcola wamanzi ozagcwala umhlaba wonke. “Akha umkhumbi ngemithi, wenze umkhumbi omkhulu ozanela wena, umndeni wakho kanye nezilwane eziningi.” UNkulunkulu wayala uNowa. UNowa wenza njengoba etsheliwe.

Mhlampe abantu babemuhleka uNowa ngenkathi ebachazela ukuthi uwakhelani umkhumbi. UNowa waqhubeka nokwakha. Futhi waqhubeka ukutshela abantu ngoJehova. Akekho owalalela.

UNowa wayemuthemba kakhulu uNkulunkulu. Wayemukholwa uNkulunkulu yize kungakaze kunethe. Maduze umkhumbi wawusukulungele ukulayishwa.

Zafika izilwane. UNkulunkulu waletha eziyisikhombisa kwezinye izinhlobo, waletha ezimbili kwezinye izinhlobo.

Izinyoni ezinkulu kanye nezincane, Izilwane ezincane kanye nezinde zangena emkhunjini.

Mhlampe abantu babemumemeza bemudelela uNowa ngenkathi elayisha izilwane. Abazange besiyeke isono. Abazange bacele ukungena emukhunjini.

Ekugcineni, zonke izilwane nezinyoni zasezingaphakathi. “Ngena emkhunjini,” kusho uNkulunkulu. “Ngena nomndeni wakho.” UNowa, umkakhe, kanye namadodana ache amathathu kanye namakhosikazi awo bangena emkhunjini. Bese uNkulunkulu wawuvala umnyango!

Yafika imvula. Lanetha ngamandla emhlabeni, lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.

Lanetha phezu kwamadolobha kanye nezakhamizi. Kwathi mhla liyeka ukuna, ngisho nezintaba zazigqitshwe amanzi. Konke okunomphefumulo womoya wokuphila emakhaleni kwafa.

Amanzi akhula, anda kakhulu emhlabeni, umkhumbi wahamba ebusweni bamanzi. Ngase kube kwakumnyama ngaphakathi emkhunjini, mhlampe kwakugudluzela, mhlampe kwakusabeka. Kodwa umkhumbi wabavikela oNowa.

Emuva kwezinyanga ezinhlanu emva kozamcolo wamanzi, uNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba. Amanzi ehla. Umkhumbi wema ezintabeni zase-Ararati. UNowa wahlala phakathi ezinye izinsuku eziyamashumi amane ngenkathi amanzi encipha.

UNowa wavula ifasitele lomkhumbi, wathumela igwababa kanye nejuba. Kepha ijuba lalingayitholi indawo yokuphumula ngenxa yamanzi ayesakhona emhlabeni. Labuyela kuNowa.

Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ijuba. Ijuba labuya liphethe iqabunga lomnqumo ngomlomo. Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabanga lisabuya. Wayesazi ukuthi amanzi asephelile emhlabeni uNowa.

UNkulunkulu watshela uNowa ukuthi sekwiyisikhathi sokuphuma emkhunjini. Bonke, uNowa nomndeni wakhe bakhulula izilwane.

UNowa wamubonga kakhulu uNkulunkulu! Wamakhela i-altare wamukhonza emubonga uNkulunkulu owasindisa yena nomndeni wakhe kuzamcolo wamanzi omubi kanje.

UNkulunkulu wasenika uNowa isithembiso esihle kakhulu. Akusayokubhujiswa muntu ngamanzi kazamcolo, angeke kusafika zamcolo ukube ubhubhise umhlaba.

UNkulunkulu wanika uNowa isikhumbuzo sesithembiso sakhe. Uthingo lwaba uphawu lwesithembiso sikaNkulunkulu.

UNkulunkulu wabusisa uNowa kanye nomndeni wakhe emva kwesicolo. Ngokuhamba kwesikhathi, izizukulwane zakhe zazala, zanda, zagcwalisa umhlaba.

Yaphela

Usuku 2Usuku 4

Mayelana naloluHlelo

IBhayibheli LaBantwana

Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.

More

Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php