IBhayibheli LaBantwanaIsampula

IBhayibheli LaBantwana

USUKU 8 KWEZINGU- 8

Lendaba yeBhayibheli isitshela ngoNkulunkulu wethu uyisimanga owasidala futhi ofuna ukuthi wena wazane Naye.

UNkulunkulu uyazi ukuthi senze izinto ezimbi, Azibiza ngesono. Isigwebo sesono ukufa, ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana Yakhe ezelwe yodwa ukuba izosifela esiphambanweni igwetshelwe izono zethu. UJesu wase evuka ekufeni wanyukela ezulwini ekhaya lakhe! Uma ukholwelwa kuJesu futhi uma Umcela ukuthi akuthethelele izono zakho, Uzokwenza lokho! Uzoza ezophile ngaphakathi kwakho manje, futhi uzophila Naye kuze kube ingunaphakade.

Uma ukholwa ukuthi iqiniso leli, ithi kuNkulunkulu: Nkosi uJesu, Ngiyakholwa ukuthi wena unguNkulunkulu, futhi wehla ezulwini waba inyama ukuze ufele izono zami, wavuka ekufeni usuyaphila futhi. Ngicela ungene empilweni yami ungithethelele izono zami, ukuze ngizokwazi ukuba nempilo entsha, ukuze ngiyokwazi ukuba Nawe kuze kube phakade. Ngisize ukuba ngilalele Wena futhi ngiphilele Wena njengomntwana Wakho. Ameni.

Funda iBhayibheli futhi khuluma noNkulunkulu nsuku zonke!

Usuku 7

Mayelana naloluHlelo

IBhayibheli LaBantwana

Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.

More

Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php