IBhayibheli LaBantwanaIsampula
Kudala, uNkulunkulu wathumela ingelosi uGabriyela, wamuthumela kwintokazi yeJuda ekuthiwa uMariya. Wathi kuye, “Uzathola indodana igama lakhe makube uJesu. Uzobizwa ngokuthi indodana yoPhezukonke. Uzakuphila kuze kube ingunaphakade.”
“Kwenzeka kanjani lokhu?” kubuza intokazi imangele. “Angikaze ngazane nomuntu wesilisa.” Ingelosi yatshela uMariya ukuthi ingane izoqhamuka kuNkulunkulu. Ingane ngeke ibe nobaba womhlaba.
Ingelosi yase itshela uMariya ukuthi umzala wakhe u-Elizabethe naye wayezothola umntwana esemdala. Lokhu kwakuyisimanga futhi. Emva kwalokho, uMariya wavakashela u-Elizabethe. Bamudumisa bobabili uNkulunkulu.
UMariya wayemiselwe ukushada indoda ekuthiwa uJosefa. UJosefa wadumala ngenkathi esazi ukuthi uMariya ukhulelwe. Wayecabanga ukuthi ukhuleliswe enye indoda.
Ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho yamutshela ukuthi indodana kwaku eya-Nkulunkulu. UJosefa kwakumele alekelele uMariya ukuba anakekele uJesu.
UJosefa wayemuthemba futhi emusaba uNkulunkulu. Wayewuthobela nomthetho womhlaba. Ngenxa yomuthetho omusha, uJosefa noMariya bahamba baya eBetlehema beyokhokha intela.
UMariya wayesekulungele ukubeletha. Kodwa uJosefa akazange akwazi ukuthola ikamelo. Zonke izindawo eziqashisa amakamelo zazigcwele.
Emva kwesikhathi uJosefa wathola isitebela. Lapho, uJesu wazalelwa khona. UMa Wakhe Wamubeka emkhombeni, okuyindawo okuphakelwa kuyo imfuyo.
Eduze nje, Abelusi babegade imfuyo ngenkathi ilele. Ingelosi yeNkosi yaziveza kubona yabatshela izindaba ezinhle.
“Nizalelwe namuhla uMsindisi onguKrestu iNkosi emzini kaDavide. Niyomuthola umntwana embesiwe, elele emkhombeni.”
Masinyane kwaba khona kanye nengelosi ezinye izingelosi, zidumisa uNkulunkulu zithi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozile nguye.”
Abelusi baphuthuma esitebeleni. Emva kokubona uMntwana baxoxela wonke umuntu abahlangana naye ngokuthi itheni ingelosi ngoJesu.
Emva kwezinsuku eziyamashumi amane, uJosepha kanye noMariya baletha uJesu ethempeli lase Jerusalema.
Kwaku khona indoda ekuthiwa uSimeyoni eyathandaza yabonga uNkulunkulu ngomntwana, ngalesosikhathi no-Ana, inceku yeNkosi, yababusisa. Bebazi ukuthi uJesu indodana kaNkulunkulu, uMsindisi. UJosefa wanikela ngezinyoni ezimbili njengosiko lomthetho.
Ngokudlula kwesikhathi, Kwafika izazi eJerusalema zivela eMpumalanga ziholwa inkanyezi. “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yamaJuda na?” kubuza izazi. “Sifuna ukuzokhuleka kuya.”
UHerode inkosi, esezwile ngezazi, wakhathazeka. Wabuza kubo ukuthi uJesu uzakuzalelwaphi. “Ngitsheleni ukuze nami ngizokukhuleka kuye,” Kusho uHerode eqamba amanga. UHerode wayefuna ukumbulala uJesu.
Inkanyezi yahamba nezazi yaze yafika yama phezu kwalapho umntwana ekhona. Zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.
UNkulunkulu wayala izazi ngephupho ukuba zibuyele ezweni lakubo ngenye indlela. UHerode wathukuthela kakhulu.
UHerode wayezimisele ngokubulala uJesu, wathumela ibutho lakhe ukuba libulale bonke abantwana besilisa baseBetlehema.
Kodwa uHerode wayengeke akwazi ukulimaza iNdodana yaNkulunkulu! Ingelosi yaxhwayisa uJosefa ukuba athathe umntwana nonina beye ezweni laseGibithe.
Bahlala eGibithe waze wafa uHerode, bese uJosefa wabuya noMariya kanye noJesu eGibithe. Bahlala edolobheni elincane ekuthiwa iseNazaretha, eduza kwase lwandle laseGalile.
Yaphela
Mayelana naloluHlelo
Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.
More
Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php