IBhayibheli LaBantwanaIsampula
UNKULUNKULU WADALA YONKE INTO! Ngenkathi uNkulunkulu edala umuntu wokuqala, u-Adamu, wahlala engadini yase-Edene kanye nonkosikazi wakhe, u-Eva. Babenenjabulo emsulwa belalela uNkulunkulu bezijabulisa ebusweni bakhe, kwathi ngelinye ilanga ..
“Ngempela uNkulunkulu ushilo ukuthi: 'Ningadli kuyo yonke imithi yasensimini' nah?” kusho inyoka ibuza u-Eva. “Singadla izithelo zemithi yasensimini, kepha ayi izithelo zomuthi ophakathi nensimu,” kusho u-Eva. “Uma sidla noma sithinta lesosithelo, singafa nokufa.”
Yaphendula inyoka yathi, “Angeke nife.” “Niyokuba njengoNkulunkulu,” kusho inyoka. U-Eva wase esifuna lesithelo saleso sihlahla. Wayilalela inyoka bese wasidla isithelo.
Emuva kokuphambana nesiyalo sikaNkulunkulu, u-Eva wayesenika no-Adamu ukuba asidle naye. U-Adamu kwakumele athi, “Cha! Ngeke ngiphambane nezwi likaNkulunkulu.”
Nkenkathi u-Adamu no-Eva bona, bavuleka amehlo babona ukuthi bahamba nqunu. Bathunga amaqabunga omkhiwane bazenzela izibhinco bacasha.
Ngokuhlwa, ngokuphola kwelanga uNkulunkulu wafika engadini. Wayesekwazi okwenziwe ngu-Adamu beno-Eva. U-Adamu wathi owesifazane onginike isithelo ukuba ngidle. U-Eva wathi inyoka inginike isithelo ukuba ngidle. Wathi uNkulunkulu enyokeni, “Iyoqalekiswa inyoka. Owesifazane uyokubeletha abantwana ngobuhlungu.”
“Adamu, ngoba wonile, umhlaba uyaqalekiswa ngenxa yezenzo zakho. Uyokuvezela ameva namakhakhasi. Uyokusebenzela kanzima ukudla kwakho kuzekube ubuyela emhlabathini.”
UNkulunkulu wabaxosha engadini yase-Edene o-Adamu beno-Eva. Ngokuba bona, bahlukana noNkulunkulu wokuphila!
UNkulunkulu wenza inkemba yelangabi ukuze bengabuyeli. UNkulunkulu wabenzela u-Adamu benomkakhe iziphuku wabembathisa. Kaze uNkulunkulu wazithathaphi izikhumba zokwenza iziphuku na?
Ngokuhamba kwesikhathi, u-Adamu beno-Eva baba nomndeni. Indodana yabo yokuqala, uKayini, waba ngomlimi. Indodana yabo yesibili, u-Abela, waba ngumelusi.
Kwathi emva kwezinsuku ezithile uKayini waletha kuJehova umnikelo wezithelo zomhlabathi. Naye u-Abela waletha umnikelo wezimvu zakhe ezinonile. UJehova wanaka u-Abela nomnikelo wakhe.
Kepha uKayini nomnikelo wakhe akawunakanga. Wayesethukuthela kakhulu uKayini. Kodwa wayesethi uNkulunkulu, “Angithi uma wenza kahle, uyamukeleka na?”
Intukuthelo kaKayini ayizange yaphela. Ngokudlula kwesikhathi uKayini wahlasela u-Abela ensimini - wambulala!
Wayesethi uNkulunkulu kuKayini. “Uphi umfowenu, u-Abela na?” “Angimazi,” kusho uKayini eqamba amanga. “Ngingumlindi womfowethu na?” UNkulunkulu wajezisa uKayini wamuphuca ikhono lokulima wamenza umahamb'ema wamenza nozulane.
Wayesesuka uKayini ebusweni bukaJehova. Wayeseshada indodakazi ya-Adamu beno-Eva. Bakhulisa umndeni. Maduze, inzalo kaKayini yagcwala idolobha ababelitholile.
Kusenjalo, umndeni ka-Adamu beno-Eva wawukhula masinyane. Ngalezozinkathi, abantu babephila isikhathi eside kakhulu kunalaba balamuhla.
Ngenkathi kuzalwa uSeti,u-Eva wathi, “UNkulunkulu ungiphe uSeti ukuze ngivale isikhala sika-Abel.” USeti wayeyindoda emusabayo uNkulunkulu, waphila iminyaka eyamakhulu ayisishiyakalolunye neshumi nambili waba nabantwana abaningi.
UNkulunkulu wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe yimbi njalo. UNkulunkulu weyasenquma ukuba amubhubhise umuntu kanye ..
... nazo zonke izilwane zasendle nezinyoni. UNkulunkulu wayesezisola ukuthi wayebenzile abantu emhlabeni, wadabuka enhliziyweni yakhe. Kodwa kwakukhona indoda eyathola umusa emehlweni kaNkulunkulu . .
Lendoda kwaku nguNowa. kwakuyisizukulwane sikaSeti. uNowa wayeyindoda eqotho, engenacala. UNowa wayehamba noNkulunkulu.
Waphinda wafundisa amadodana akhe amathathu ukwesaba uJehova. Manje uNkulunkulu wayenecebo lokusebenzisa uNowa ngendlela exakayo futhi ekhethekile!
Yaphela
UmBhalo
Mayelana naloluHlelo
Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.
More
Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php