IBhayibheli LaBantwanaIsampula

IBhayibheli LaBantwana

USUKU 5 KWEZINGU- 8

UJesu wenza izimanga eziningi. Izimanga kwakuyizimpawu zokukhombisa ukuthi uJesu nguNkulunkulu ngempela. Isimanga sokuqala senzeka edilini lomshado. Kwafika inkinga. Iwayini lalishoda.

UMariya, umaka uJesu, watshela uJesu ngalenkinga, bese watshela abasizi ukuba benze konke okushiwo uJesu.

“Gcwalisani lemigqomo ngamanzi,” kusho uJesu. “Amanzi?” besho bebuza. Yebo, uJesu wayesho amanzi.

UJesu watshela isisebenzi ukuba sithathe kumgqomo omkhulu siwuhambise komphathi wedili ukuba anambhithe. Amanzi ayesejike aba iwayini! Iwayini elimnandi! Iwayini elimnandi okudlula wonke!

Abasizi babemangele. UJesu wayeshintshe amanzi wawenza iwayini. UNkulunkulu kuphela owayengenza isimanga esinje.

UJesu wenza ezinye izimangaliso. Ngobusuku bunye, uJesu nabalandeli bakhe baya kwikhaya likaPetru. Umamezala waPetru wayegula kakhulu ephethwe umkhuhlane.

UJesu wathinta isandla sowesifazane. Ngalowomzuzu wabangcono futhi wavuka wabhekelela uJesu kanye nabasizi bakhe.

Kwaba sengathi idolobha lonke lalimi emnyango ngalobo busuku. Kwafika abagulayo – impumputhe, izithulu, izimungulu, abakhubazekile. Ngisho nabantu abanamadimoni ahlala kubona babengunge uJesu Wayengasiza inqwaba engaka na?

UJesu, indodana kaNkulunkulu, wayengabasiza. UJesu wabasiza. Bonke abafika kuyena balapheka. Abantu ababezihudula ngemikhoba bakwazi ukuhamba nokugijima ngisho nokugxuma.

Bafika nabanye, abesebabi ngenxa yochoko.

Baphelela bahlanzeka ngenkathi uJesu ebalapha.

Amadoda namakhosikazi ayehlushwa amadimoni ama phambi kwaNkulunkulu. UJesu wayala amadimoni ukuba abashiye.

Ngenkathi amadimoni ebashiya, abantu ababegcwele ukwesaba kanye nabantu ababengajabulile bajika baba abantu abakhululekile futhi abaneme.

Emva kwesixuku, amadoda amane ayezama ukusiza umngani wabo kodwa abakwazanga ukusondela kuyena, Kaze bazokwenze njani?

Baqukatha indoda egulayo phezu kwendlu, abangani abane ababekholwa bavula uphahla lwendlu bamehlisa. Manje indoda yayiseduze kwaJesu.

UJesu wabona ukuthi labangani abane babekholwa. Wathi kwindoda egulayo. “Izono zakho zithethelelwe. Thatha umbhede wakho uhambe.” Indoda yasukuma ngamandla. UJesu wayeseyilaphile.

Emva kwalokho, uJesu wayesesikebheni nabalandeli bakhe. Kwafika isivunguvungu. UJesu wayelele. Abalandeli bamuvusa besaba. “Nkosi, sisize,” besho bekhala. “Siyabhubha!”

“Thula,” uJesu eyala amagagasi. Ngokushesha, ulwandle lwathula. “Indoda enjani le?” Kusho abalandeli bakhe ngokwehleba. Ngisho umoya kanye nolwandle liyalalela. Bakholwa ukuthi uJesu waye indodana kaNkulunkulu ngoba izimangaliso Zakhe zazikhombisa inkazimulo Yakhe.

Abalandeli bakhe babengazi, kodwa babezobona uJesu enza izimangaliso ezingaphezulu kwalezi ngenkathi esebenzela uNkulunkulu kanye nabantu.

Yaphela

Usuku 4Usuku 6

Mayelana naloluHlelo

IBhayibheli LaBantwana

Konke kwaqala kanjani? Sivelaphi? Kungani kukhona usizi oluningi emhlabeni? Ingabe ikhona ithemba? Ingabe kukhona ukuphila ngemva kokufa? Thola izimpendulo njengoba ufunda lomlando weqiniso wezwe.

More

Sithanda ukubonga iBible for Children, Inc. ngokusinika lolu hlelo. Ukuze uthole ulwazi olwengeziwe, sicela uvakashele: https://bibleforchildren.org/languages/zulu/stories.php